Qikelela indlela othenga ngayo igilosa yasekhaya
EZABATHENGI
SIPHILA esikhathini lapho impilo isibiza khona futhi umuntu nomuntu uhlale ebheka indlela angagwema ngayo izindleko ezingenasidingo. Ezinye izindleko ziyagwemeka kalula kodwa eziphathelene nokudla akulula ukuzigwema ngoba isisu kasikweletwa.
Kunezinto ezingasoze zashintsha emakhaya neziyizidingo zanyanga zonke njengokwenza igilosa yomndeni wonke. Imizi eminingi kuba nosuku olwaziwayo ukuthi elokwenza igilosa futhi kunohlobo lokudla okungasali nangephutha uma kwenziwa igilosa.
Ukuthenga ukudla okufana nobhontshisi, isitambu impuphu ngamasaka, inqwaba yokudla okusemathinini, amafutha amakhulu, amazambane nokunye yinto eyenziwa cishe kuyo yonke imizi yabantu abamnyama. Yinto ebukeka iyinhle kodwa ongoti bezezimali bathi yinto enengozi yokuqeda imali unganakile.
Ungoti wezezimali, uNksz Lwandle Zungu, weNkunzi Wealth Group, uthe kubantu abamnyama yinto ejwayelekile ukuthenga ukudla okuningi ngesikhathi esisodwa ngenxa yesibalo sabantu abaningi emakhaya. Lokhu akulona iphutha kodwa indlela okuthengwa ngayo ukudla iyingozi ngoba izitolo zibiza intengo ehlukene futhi nemali okuthengwa ngayo iyanyuka nyanga zonke.
“Kuyingozi ukuhlala uthenga ukudla okuwumbumbatha (Combo) nyanga zonke. Wena ungakubona lokhu kudla kushibhile kodwa inkinga yakho wukuthi akupheli ngesikhathi esifanayo kanti kuyakuphoqa ukuthi ukuthenge umkanye esitolo. Yilapho uqala khona ukulahlekelwa yimali ngoba ugcina usuthenga nento osenayo njengokuthi nje uthenge impuphu kanti iseningi endlini. Uma uthenga okukodwa ongasenakho ukwazi ukonga imali. Isitolo sisuke sesiyibalile inzuzo futhi sikuphoqa ukuthi uthenge izinto eziningi,” kusho uNksz Zungu.
Ukuthenga ukudla kube kuningi ngesikhathi esisodwa kunobuhle nobubi kwako. Lokhu isikhathi esiningi kudalwa yindlela abantu abamnyama abaningi abakhuliswe ngayo. Kwenza umuntu aqhubeke nokuthenga ngale ndlela noma esehlala yedwa.
Ukuzikalela ukudla okuthengayo nemali oyikhokhayo bese uhlala kuko kuyasiza ngoba kuzokuqoqa ukwazi ukuqikelela uthenge izinto ezinesidingo nezishodayo endlini.
“Akulungile ukuthenga iziqikili zokudla ngoba uthi kubiza kahle. Noma kuyinto ebukeka ibambezela kodwa kunobuhlakani ukuqhathanisa intengo yekudla yezitolo ezehlukene ngaphambi kokuthenga.
“Ukubhala phansi imali ozoyisebenzisa nezimpahla ozidingayo nezishoda endlini kuzokuqoqa futhi kukuvikele ekutheni ungagcini usuthenga nezinto ezingenasidingo. Ukungabhali phansi kwenza uthenge nezinto okungezona. Yingakho kungcono ukukhipha imali udedele umuntu ovamise ukwenza igilosa ekhaya,” kusho uNksz Zungu.
Okumele ukuqaphele uma uyothenga ukudla:
* Bhala phansi uhlu lokudla okubalulekile nenikudingayo ekhaya nokuphekwa cishe zonke izinsuku.
* Zikalele imali ohlele ukuyisebenzisa ukwenza igilosa yakho ungadluli kuso. Kunalokho buya noshintshi.
* Bhekisisa intengo yezinto ozithenga zihamba ngambili noma ngaphezulu. Ngesinye isikhathi kungenzeka ibize kangcono uma ihamba ngayodwa.
* Qaphela usuku okumele kuphele noma kube sekudliwe ngalo ukudla okuthengayo. Izinto eziningi ezisuke sezibiza kancane kakhulu zivamise ukudayiswa ngoba seziphelelwa yisikhathi. Imkhiqizo yobisi nokudla okusemathineni yikhona okuvamise ukudida iningi.
-Ungathengi ngokulandela igama lesitolo ngoba uzwa kuthiwa sibiza kahle noma sidayisa izinto ngentengo ephansi. Qhathanisa kuqala nentengo yezinye izitolo ungezwa ngabantu.
Abathengi abadinga usizo bangathumela i-email ku: bongiwe.zuma@inl.co.za. Uzosizakala kuphela uma uthumela imininingwane ephelele ngodaba lwakho.