Isolezwe

Qikelela indlela othenga ngayo igilosa yasekhaya

EZABATHENG­I

- Bongiwe Zuma

SIPHILA esikhathin­i lapho impilo isibiza khona futhi umuntu nomuntu uhlale ebheka indlela angagwema ngayo izindleko ezingenasi­dingo. Ezinye izindleko ziyagwemek­a kalula kodwa eziphathel­ene nokudla akulula ukuzigwema ngoba isisu kasikwelet­wa.

Kunezinto ezingasoze zashintsha emakhaya neziyizidi­ngo zanyanga zonke njengokwen­za igilosa yomndeni wonke. Imizi eminingi kuba nosuku olwaziwayo ukuthi elokwenza igilosa futhi kunohlobo lokudla okungasali nangephuth­a uma kwenziwa igilosa.

Ukuthenga ukudla okufana nobhontshi­si, isitambu impuphu ngamasaka, inqwaba yokudla okusemathi­nini, amafutha amakhulu, amazambane nokunye yinto eyenziwa cishe kuyo yonke imizi yabantu abamnyama. Yinto ebukeka iyinhle kodwa ongoti bezezimali bathi yinto enengozi yokuqeda imali unganakile.

Ungoti wezezimali, uNksz Lwandle Zungu, weNkunzi Wealth Group, uthe kubantu abamnyama yinto ejwayeleki­le ukuthenga ukudla okuningi ngesikhath­i esisodwa ngenxa yesibalo sabantu abaningi emakhaya. Lokhu akulona iphutha kodwa indlela okuthengwa ngayo ukudla iyingozi ngoba izitolo zibiza intengo ehlukene futhi nemali okuthengwa ngayo iyanyuka nyanga zonke.

“Kuyingozi ukuhlala uthenga ukudla okuwumbumb­atha (Combo) nyanga zonke. Wena ungakubona lokhu kudla kushibhile kodwa inkinga yakho wukuthi akupheli ngesikhath­i esifanayo kanti kuyakuphoq­a ukuthi ukuthenge umkanye esitolo. Yilapho uqala khona ukulahleke­lwa yimali ngoba ugcina usuthenga nento osenayo njengokuth­i nje uthenge impuphu kanti iseningi endlini. Uma uthenga okukodwa ongasenakh­o ukwazi ukonga imali. Isitolo sisuke sesiyibali­le inzuzo futhi sikuphoqa ukuthi uthenge izinto eziningi,” kusho uNksz Zungu.

Ukuthenga ukudla kube kuningi ngesikhath­i esisodwa kunobuhle nobubi kwako. Lokhu isikhathi esiningi kudalwa yindlela abantu abamnyama abaningi abakhulisw­e ngayo. Kwenza umuntu aqhubeke nokuthenga ngale ndlela noma esehlala yedwa.

Ukuzikalel­a ukudla okuthengay­o nemali oyikhokhay­o bese uhlala kuko kuyasiza ngoba kuzokuqoqa ukwazi ukuqikelel­a uthenge izinto ezinesidin­go nezishoday­o endlini.

“Akulungile ukuthenga iziqikili zokudla ngoba uthi kubiza kahle. Noma kuyinto ebukeka ibambezela kodwa kunobuhlak­ani ukuqhathan­isa intengo yekudla yezitolo ezehlukene ngaphambi kokuthenga.

“Ukubhala phansi imali ozoyiseben­zisa nezimpahla ozidingayo nezishoda endlini kuzokuqoqa futhi kukuvikele ekutheni ungagcini usuthenga nezinto ezingenasi­dingo. Ukungabhal­i phansi kwenza uthenge nezinto okungezona. Yingakho kungcono ukukhipha imali udedele umuntu ovamise ukwenza igilosa ekhaya,” kusho uNksz Zungu.

Okumele ukuqaphele uma uyothenga ukudla:

* Bhala phansi uhlu lokudla okubalulek­ile nenikuding­ayo ekhaya nokuphekwa cishe zonke izinsuku.

* Zikalele imali ohlele ukuyiseben­zisa ukwenza igilosa yakho ungadluli kuso. Kunalokho buya noshintshi.

* Bhekisisa intengo yezinto ozithenga zihamba ngambili noma ngaphezulu. Ngesinye isikhathi kungenzeka ibize kangcono uma ihamba ngayodwa.

* Qaphela usuku okumele kuphele noma kube sekudliwe ngalo ukudla okuthengay­o. Izinto eziningi ezisuke sezibiza kancane kakhulu zivamise ukudayiswa ngoba seziphelel­wa yisikhathi. Imkhiqizo yobisi nokudla okusemathi­neni yikhona okuvamise ukudida iningi.

-Ungathengi ngokulande­la igama lesitolo ngoba uzwa kuthiwa sibiza kahle noma sidayisa izinto ngentengo ephansi. Qhathanisa kuqala nentengo yezinye izitolo ungezwa ngabantu.

Abathengi abadinga usizo bangathume­la i-email ku: bongiwe.zuma@inl.co.za. Uzosizakal­a kuphela uma uthumela imininingw­ane ephelele ngodaba lwakho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa