Isolezwe

Kunezinhle­lo zokusiza abangabuye­li ezikoleni

- PHILI MJOLI

UMNYANGO wezeMfundo kuleli unazo izinhlelo zokuthi abafundi abafisa ukungabuye­li esikoleni njengoba kuzovulwa ngesonto elizayo baqhubeke bafunde besebenzis­a lezo zinhlelo.

Umqondisi-jikelele weMfundo eyisiSekel­o uMnuz Mathanzima Mweli uthe abazali abesabayo ukubuyisel­a izingane ezikoleni bangabhali­sela ukuthi zifunde emakhaya, bangazibha­lisela ukuthi zifunde online noma ziqhubeke zibhaliswe esikoleni umzali noma oganda ingane ayifundise ekhaya.

UMweli ubethula umbiko phambi kwekomiti lezemfundo ePhalamend­e izolo echaza ngebanga eselihanjw­e uMnyango wezeMfundo eyisiSekel­o ekuzilungi­seleleni ukuthi amabanga alandelayo abuyele ezikoleni.

UMnyango weMfundo eyisiSekel­o uhlele ukuthi abafundi bakaGrade R, 1, 2, 3, 6 no11 babuyele ezikoleni ngoMsombul­uko.

“Abazali babo kumele bakhethe ezinhlelwe­ni ezikhona ukuthi yiziphi ezilungele izingane zabo. Izinhlelo ezikhona zivuleleki­le ngoba siyabona indlela iCoronavir­us esabalala ngayo emiphakath­ini yethu. Sibuka nengcindez­i ebhekene noMnyango wezeMpilo uma kungenzeka abantu abaningi badinge ukuya ezikhungwe­ni zezempilo,” kusho yena.

Uqhube wathi uhlelo lokudla ezikoleni lungenye yezinto ezidale ukuthi kuvulwe izikole ukuze abafundi abaphuma emindenini empofu bathole ukudla.

“Ngesikhath­i kuvaliwe abafundi abaphuma kule mindeni bebengakut­holi ukudla. Njengamanj­e uhlelo lokudla lwenzelwe ukuthi nabafundi abangakabu­yeli ezikoleni bakuthole ukudla. Sihlele ukuthi beze ezikoleni bazolanda amaphasela okudla,” kuchaza uMweli.

Uthe abazobe benikeza abafundi ukudla banikwe ngama-gloves, izifonyo, amaphinifa asetshenzi­swa kanye alahlwe futhi kuhlelwe nokuthi ukudla kuzogcinwa kanjani.

“Abafundi abafunda uGrade7 no12 ezifundazw­eni eziningi sebeqalile ukuthola ukudla. Abangakabu­yeli ezikoleni balanda amaphasela okudla okungaphek­iwe ngezinye izinsuku balande okuphekiwe kuyenzeka bakulande esikhungwe­ni okungesona isikole. Abafundi abangakabu­yeli uhlelo lokuthi badle luqale ngoJuni 22,” kuchaza uMweli.

Ubuye wacacisa ngodaba lwamathang­i amanzi okuthiwa lilinye libiza uR170 000 wathi umnyango awunalo ulwazi ngamathang­i abiza leyo mali wathi umnyango ukhokhele iRand Water uR200 million.

“Izithombe zamathangi akhonjiswa ezinkundle­ni zokuxhuman­a akuwona lawo umnyango owakhokhel­e kwiRand Water,” kusho yena.

Uthe izinkinga zokungafik­i kwamanzi ezikoleni kwezinye izikhathi zidalwa ukuthi izimoto ezisuke zihambisa amanzi zimiswa umphakathi uthathe amanzi ngenkani agcine engafinyel­elanga ezikoleni.

Uthe uNgqongqos­he walo mnyango uNkk Angie Motshekga udaba useludluli­sele kuMengamel­i ukuze kuqhanyukw­e nesisombul­ulo.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UMQONDISIj­ikelele woMnyango wemfundo eyisiSekel­o uMnuz Mathanzima Mweli uthe abazali bazozikhet­hela uhlelo oluhambisa­na nezingane zabo njengoba kulindelek­e ukuthi kuvule manye amakilasi ngoMsombul­uko
Isithombe: SIGCINIWE UMQONDISIj­ikelele woMnyango wemfundo eyisiSekel­o uMnuz Mathanzima Mweli uthe abazali bazozikhet­hela uhlelo oluhambisa­na nezingane zabo njengoba kulindelek­e ukuthi kuvule manye amakilasi ngoMsombul­uko

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa