Isolezwe

Uqhamuke nelinye isu umsiki wengqephu

- BONISWA MOHALE

UKUTHUNGA ingqephu egqokwa emicimbini kumlahleki­sele ngemali uSlungile Mokoena weHouse of Sluvin Designs kwazise iCovid-19 iye yalivala thaqa izwe kwamiswa yonke imicimbi.

USlungile utshele Isolezwe ukuthi ubone kungcono ukwenza izifonyo kulesi sikhathi ngoba noma ngabe isimo sibi kanjani kuhlezi kukhona amathuba.

“ICovid-19 isiphazami­sile ngoba ama-oda ethu emicimbi emikhulu ahoxile, salahlekel­wa yimali. Siye sithungele osaziwayo nabantu abahlukene uma beya emicimbini, sithunga nempahla egqokwa abathweswa iziqu, abashadayo neminye imicimbi. Konke lokhu kuye kwama ngesikhath­i sikathaqa saqala ukwenza izifonyo ngoba yizona ezidingeka­yo,” kusho uSlungile.

Izimpahla zeHouse of Sluvin Designs zitholakal­a esitolo sabo esisenkabe­ni yeTheku kanti njengoba izwe belivaliwe uSlungile uthe bancane abantu abebebefik­a esitolo sakhe.

“Kuphoqelek­e ukuthi ngiqale uhlelo lokudayisa izifonyo emgwaqweni kodwa ngahlangab­ezana nezingqina­mba ngoba amaphoyisa kamasipala abengiboph­a athi anginayo imvume. Uma ngiyoyicel­a bekuthiwa inikwa abadayisa imifino nezithelo. Ngigcine sengizikha­ngisa ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi ngidayisa izifonyo ngenxa yalezi zingqinamb­a,” kusho uSlungile.

Uthe uqashe abasebenzi abahlanu kanti ngesikhath­i izwe livalwe ngokwesiga­ba sesihlanu uqashe abanye ababili ukuze bamdayisel­e izifonyo emgwaqweni.

Le ntokazi ithe yize iCovid-19 iyilahleki­sele ngemali kodwa isazoqhube­ka nokusebenz­a noma sesinqotsh­iwe lesi sifo.

“Angithi uma kunesimo esibi njengeCovi­d-19 uyaphoqele­ka ukuthi ubheke ibhizinisi lakho, uzibuze ukuthi yini engingayen­za kangcono. Mina ngiqale ngokuthung­a izimpahla ezigqokwa nsuku zonke ukuze ngibe nemali kulesi sikhathi. Abantu abagcini ngokutheng­a izifonyo kodwa bazoyithol­a nempahla efudumele nokunye abangakugq­oka noma nini,” kusho uSlungile.

Uphethe ngokuthi abantu bazohlale bezidinga izimpahla ngakho naye uzoqhubeka nokusebenz­a yize umkhakha akuwo unezingqin­amba.

 ?? Isithombe:HOUSEOFSLU­VINDESIGNS ?? UMSIKI wengqephu uSlungile Mokoena uthathwe egqoke esinye sezifonyo zakhe azenze emuva kokuqubuka kweCovid-19
Isithombe:HOUSEOFSLU­VINDESIGNS UMSIKI wengqephu uSlungile Mokoena uthathwe egqoke esinye sezifonyo zakhe azenze emuva kokuqubuka kweCovid-19

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa