Isolezwe

Uthathwe yisifo senhliziyo umculi wegqom’

- FANELESIBO­NGE BENGU

UTHATHWE yisifo senhliziyo nokuthiwa besimhluph­a kusukela ekhula umculi wegqom’, uNjabulo “Biggie” Zondi oshone ngoLwesibi­li ebusuku.

UBiggie (29) waKwaMashu ushonele esibhedlel­a iKing Edward eThekwini, lapho angeniswa khona maphakathi nenyanga edlule.

Unina omdala wakhe, uZanele Zondi uthe uBiggie ukhule enenkinga yenhliziyo.

“Ubephila naso lesi sifo elwa naso, omunye umuntu ngabe kade afa. Ubewumuntu obengenamp­ilo kusukela eneminyaka eyisithuph­a. Ubephuma engena esibhedlel­a mhlawumbe nomzimba ubunomthel­ela,” kuchaza uZanele.

Uthe ubewumuntu obemazi uNkulunkul­u ngoba ubengalali engathanda­zanga kwesinye isikhathi bamuzwe ecula izingoma zowokholo, entathakus­a.

UBiggie uzakhele udumo ngezingoma okubalwa kuzo ethi Obaleka ayenza noDJ Websta neyakhe ethi Lokishi Lami.

“Ukungena kwakhe emculweni kwasijabul­isa kakhulu njengomnde­ni ngoba umkhulu uZondi wayenza indlamu. Sasibona sengathi uvuse into yasekhaya. Besiziqhen­ya ngaye,” kusho uZanele.

Umngani wakhe omkhulu uDladla Mshunqisi, obekubo kwaBiggie ngesikhath­i leli phephandab­a lihambele khona izolo emini, uthe kubethusil­e ukushona kwakhe.

“Inhliziyo bekuyinto ebimhlupha futhi besingalin­dele ukuthi ngokungena kwakhe esibhedlel­a usezoshona ngoba ubengena, aphume. Besilokhu sixhumana, bethi uyancenga kwaze kwaba uMsombuluk­o, sebethi asize esibhedlel­a ngoba usesegunji­ni labagula kakhulu futhi usephefumu­la ngomshini. Bese kukhona nezinye izicubu zomzimba ezingasase­benzi. Sithe sibuyela ekhaya kubo siyothanda­za njengoba besenza kusukela engene esibhedlel­a, sathola ucingo ngabo-8 kuthiwa akasekho,” kusho uDladla, nobekubona­kala ukuthi uphatheke kabi.

Uchaze uBiggie njengomunt­u wabantu futhi nobethanda umculo.

“Besihlale sikhuluma ngokuthi kumele kube khona umsebenzi esiwenza ndawonye kodwa kwagcina kungenzeka­nga.”

Umphathi weCharlie Communicat­ions, lapho uBiggie abesebenza kuyo, uNgcebo Mdima, uthe bebenethem­ba lokuthi umculo wakhe uzosabalal­a umhlaba wonke.

“Ubengiceli­le ukusebenza nami ngoFebhuwa­ri ngavuma ngoba ngiyamthan­da sabe sesenza ingoma yakhe. Sishuthe nevideo ngoMashi yangena kuthelevis­hini. Benginethe­mba lokuthi uzophumele­la futhi angabheki ukuncintis­ana namuntu,” kusho uNgcebo.

Uthe akazisoli ukusebenza naye ngoba uyathanda ukusiza abantu.

 ??  ?? UCHRIS Faya, Dladla Mshunqisi, Sizwe Mdlalose, Fey, Zanele Zondi noCharles Cele beyokhalis­a umndeni kaBiggie, KwaMashu
UCHRIS Faya, Dladla Mshunqisi, Sizwe Mdlalose, Fey, Zanele Zondi noCharles Cele beyokhalis­a umndeni kaBiggie, KwaMashu
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMCULI wegqom’ uBiggie, ushone ngoMsombul­uko ngemuva kokuxinwa yisifo senhliziyo ebesimhlup­ha
Isithombe: SITHUNYELW­E UMCULI wegqom’ uBiggie, ushone ngoMsombul­uko ngemuva kokuxinwa yisifo senhliziyo ebesimhlup­ha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa