Covid-19: Basakazela amakhaya abeGagasi FM
ABASAKAZI beGagasi FM baphoqelekile ukuba basakazele emakhaya emuva kokutholakala komunye wabasebenzi balesi siteshi enegciwane leCovid-19.
Lezi zindaba ziqinisekiswe yilesi siteshi ngesitatimende esisifake ezinkundleni zokuxhumana zeGagasi futhi nabasakazi bebelokhu bekudalula ezinhlelweni zabo ukuthi basakazela emakhaya.
“IGagasi FM liyakuqinisekisa ukuthi omunye wabasebenzi balo utholakale negciwane leCovid-19. Ngenxa yokuvikela isithunzi sakhe, ngeke siyidalule imininingwane yalowo msebenzi.”
Siqhuba isitatimende sithe ngenxa yokulandela imithetho yezempilo, iGagasi livale thaqa izindlu zokusakaza zalesi siteshi eziseCornubia Mall, eThekwini futhi akukho sisebenzi esivumelekile ebhilidini.
“Abasakazi basakaza izinhlelo zabo besemakhaya emuva kokuchelwa ngesibulali magciwane nokuhlolelwa igciwane. Izikhulu zeGagasi zisaqinisekisa ukuthi kulandelwa yonke imithetho yezempilo ukunqanda ukubhebhetheka kwegciwane leCovid-19 endaweni yokusebenza. Okusemqoka kuthina yimpilo yabasebenzi bethu ngalesi sikhathi esinzima,” kuphetha isitatimende. Kuthiwe konke kuzoqinisekiswa uma isimo sesibuyele esimeni.
Izolo izinhlelo beziqhubeka kodwa hhayi njengokujwayelekile ngoba abanye abasakazi bebengekho emoyeni. Bekudlala kakhulu umculo abasakazi bekhuluma lapha nalapha.
Ngokuthola kwaleli phephandaba izinhlelo beziqoshiwe.
“Ukusakaza kugcine ngohlelo lukaAlex Mthiyane izolo (ngoLwesibili ebusuku). Zonke lezi ezinye ziqoshiwe yingakho ubezwa bekhuluma lapha nalapha. Asikakatshelwa ukuthi sibuyela nini emsebenzini,” kusho umthombo ongaphakthi kulesi sitheshi.
Okhulumela isiteshi uKhulekani Shandu uthe abasakazi basemakhaya basakazela khona hhayi ukuthi izinhlelo baziqophile.
“Akekho oyijwayele le nto yingakho bengakhulumi njalo. Istudiyo sethu saseUshaka Marine sikhona, ngabe bayasisebenzisa kodwa abakwazi ukungena bengahloliwe,” kusho yena.