Isolezwe

Ithemba lokuthi zizoqala ukusebenza izitimela eKZN

- BONISWA MOHALE

KULOKOZA inhlansi yethemba ngokuhamba kwezitimel­a KwaZulu-Natal emuva kokuthi uNgqongqos­he wezokuThut­ha, uMnuz Bheki Ntuli, neMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, izolo behlole ukuthi amalungise­lelo asehambe afika kuphi.

AbePasseng­er Rail Agency South Africa (Prasa), ebhekelele izitimela, bathe konke kumi ngomumo kodwa balinde umyalelo kazwelonke ngosuku lokuqala ukusebenza kwezitimel­a KwaZulu-Natal.

Izitimela zavunyelwe ukusebenza esigabeni sesithathu somvalelan­dlini kodwa okwamanje ezisebenza­yo ezaseGaute­ng, Western Cape nezase-Eastern Cape.

Uma izitimela zaKwaZulu-Natal seziqala ukusebenza kulindelek­e ukuthi kuvulwe olayini ababili – owaseMlaza nowaKwaMas­hu, okuzoba yiziteshi zezitimela eziwu-21 kweziwu-102 zaKwaZuluN­atal. UNtuli uthe bayaxoxa nabakwaPra­sa ngezinhlel­o zokuthi kuqale ukusebenza kwezitimel­a.

Uthe waneliseki­le ngakubonil­e ngoba kuzolandel­wa yimigomo yokuthi abantu bangasonde­lani ezitimelen­i noma bame emigqeni.

IPrasa izofaka abantu abawu300 abazoqinis­ekisa ukuthi imithetho yokuphepha yeCovid-19 iyalandelw­a.

“Kubaluleki­le ukuthi silandele imithetho yeCovid-19 kwezokuthu­tha. Kuyasikhat­haza ukwebiwa kwezinsiza kusebenza nengqalasi­zinda eziteshini zezitimela. Lokhu kuholele ekutheni izitimela zingaqali ukuhamba KwaZulu-Natal njengoba kwenzekile kwezinye izifundazw­e. Uma izitimela sezisebenz­a zizogibeli­sa u-30% wabantu ngeke zigcwale,” kusho uNtuli.

Ubonge abagibeli ngokubekez­ela kwabo ngesikhath­i izitimela zisamile, wacela ukuthi balandele izinhlelo zokuphepha uma izitimela sezisebenz­a.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ABAGIBELI ngeke bacinane uma uma izitimela seziqala ukusebenza KwaZuluNat­al. Esithomben­i nguNgqongq­oshe wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli, neMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda
Isithombe: SITHUNYELW­E ABAGIBELI ngeke bacinane uma uma izitimela seziqala ukusebenza KwaZuluNat­al. Esithomben­i nguNgqongq­oshe wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli, neMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa