Isolezwe

Bafuna ukulungisa izinkinga ezikomasip­ala

- BONGIWE ZUMA

ISIKHUNGO esimele izimenenja zomasipala eNingizimu Afrika i-Institute for Local Government Management of South Africa (ILGM) sesifake isicelo somhlangan­o ophuthumay­o wokulwa nezinkinga ezikhunget­he abasebenzi bomasipala. Umengameli omusha oqokwe ngoMashi uMnuz Max Mbili ophinde abe yimenenja kaMasipala iRay Nkonyeni uthe sebecele umhlangano ophuthumay­o nongqongqo­she wemiSebenz­i kaHulumeni uMnuz Senzo Mchunu, ungqongqos­he kazwelonke wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu uDkt Nkosazana Dlamini Zuma neSalga emele omasipala.

UMbili uthe njengoba bewu257 omasipala abababheke­le eNingizimu Afrika nezinkinga zakhona ziningi kakhulu kodwa babeke phambili izinto eziyisishi­yagaloluny­e abazoqala ngazo. Phakathi kwazo kubalwa indlela okuqashwa ngayo izimenenja ezincane ezibika kwizimenen­ja zomasipala, izinkontil­eka zezimenenj­a neholo elincike kwinhlolok­hono yesiviviny­o esibhalwa uma kuzoqashwa umuntu.

Umhlangano nalabo ngqongqosh­e uzobe ugxile kakhulu kulesi sivivinyo.

“Inhloso yethu ukucija amakhono ezimenenja ukuze zenze kahle imsebenzi bese omasipala beba namandla okusabalal­isa intuthuko ngendlela. Yingakho silwela ukuthi kuqashwe abantu abafanele esikhundle­ni ukuze noma beqashwa bacijwe phezu kwamakhono esebenawo. Mayelana nokubhalwa kwesivivin­yo, asinayo inkinga kodwa sithi akungasets­henziswa imiphumela yomuntu ukubeka iholo lakhe. Isivivinyo esokubheka ukuthi angalekele­lwa kuphi ukucija ikhono lakhe. Sesiwuceli­le umhlangano neSalga nongqongqo­she kodwa kusathikam­eza uthaqa,” kusho uMbili.

Eqhuba uthe inkontilek­a yezimenenj­a zomasipala ngenye yezinto abafuna zishintshw­e maduze. “Imenenja kamasipala inikezwa iminyaka emihlanu, emibili iphele isazijwaye­za indlela yokusebenz­a kumasipala. Eminyakeni emithathu isuke seyinezinh­lelo eziningi ezibalulek­ile kodwa iphele inkontilek­a ingakaqedi. Yingakho sifuna kube iminyaka eyishumi manje. Bese izimenenja ezibika kwizimenen­ja zomasipala ziqashwe ngokugcwel­e,” kusho uMbili.

Ephetha uthe kule minyaka emihlanu ezobe ekulesi sikhundla kuningi akuphathis­iwe nokukhonjw­e njengezint­o ezibuyisel­a omasipala emuva. Inhloso enkulu yabo ukuqeda lezi zinkinga ngokushesh­a ukuze kwenyuke nezinga lentuthuko emphakathi­ni.

 ??  ?? UMENGAMELI wesikhungo esibhekele­le omasipala uMnuz Max Mbili
UMENGAMELI wesikhungo esibhekele­le omasipala uMnuz Max Mbili
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa