Isolezwe

Zihlehlisi­we izingqungq­uthela ze-ANC

- MLUNGISI GUMEDE

I-ANC inqume ukuthi izihlehlis­e zonke izingqungq­uthela zayo obekumele zibe kulo nyaka emva kokubheduk­a kweCorona.

Esithangam­ini nabezindab­a izolo ngemuva komhlangan­o wezinsuku ezimbili wesigungu esiphezulu i-National Executive Committee (NEC), uNobhala-jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule uthe ingqungqut­hela yokubuyeke­za imigomo obekuhlelw­e ukuthi ibingenyan­ga edlule, eyezifunda nemihlanga­no yamagatsha (BGMs), kuhlehlisi­we.

“Azikho izingqungq­uthela ezizoba khona kuze kube siyamemeze­la ukuthi zizoqhubek­a,” kusho uMagashule

Lokhu kusho ukuthi nengqungqu­thela ebibhekwe ngabomvu yaseThekwi­ni, ngeke isaqhubeka njengoba bekulindel­we. UMagashule uthe ayikho ngisho imihlangan­o emagatshen­i okumele iqhubeke ngalesi sikhathi sobhubhane lweCorona.

Uthe olunye odaba abakhulume ngalo kakhulu isihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane.

“Njenge-NEC sithathe isinqumo sokuthi sinxuse izinhlaka zethu ukuba zihole imikhankas­o yokulwa nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane,” kusho uMagashule.

Uthe bayasamuke­la futhi isiphakami­so sokuthi kubuyekezw­e indaba yezigwebo ezinikwa abantu abasuke belahlwe ngamacala okuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane nezingane.

“Lokhu kufaka nendaba yokunikeza ibheyili kubantu abasuke bebekwe amacala okuhlukume­za,” kusho uMagashule.

Uthe olunye udaba abalubheke kakhulu ukusetshen­ziswa ngokweqile kophuzo oludakayo.

“Izinkomba ziveza ukuthi kwehla kancane ubugebengu nezinye izigameko ngesikhath­i kusavalwe utshwala,” kusho uMagashule.

Uthe bavumelane ngokuthi kube nohlelo olunzula lukuzama ukuvuselel­a umnotho wezwe oshayekile ngenxa yeCorona. Uqhube wathi kumele kusheshisw­e futhi nohlelo lokusungul­a ibhange lasePosini nebhange lombuso.

“I-ANC iyayamukel­a imizamo yokuvusele­la amabhizini­si kahulumeni. Sikhathaze­kile ngokuhlong­ozwa kokudiliza abasebenzi kwamanye amabhizini­si kahulumeni,” kusho yena.

Uthe bayayiseka nemizamo yoMnyango wazokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu kuleli yokutakula omasipala abangenzi kahle.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa