‘Ehlile amacala okudlwengula eNanda’
ZEHLILE izibalo zamacala okudlwengula nokuhlukunyezwa kwabesifazane eNanda emva kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa amemezela ukuvalwa kwezwe kulandela ukubheduka kobhubhane lweCorona.
Lokhu kuvezwe yisikhulu samaphoyisa KwaZulu-Natal, uGeneral Vukani Mgobhozi ngesikhathi kade kwethulwa iNyanga yamaDoda ehholo lomphakathi KwaNgoqokazi, eNanda, izolo.
Uthe iNanda iyona ehamba hambili ngamacala okudlwengulwa ezweni lonke.
Ngaphambi kokuthi kube nezikhulumi kuqale kwaba nemashi ebilwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ebiholwa nguNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala, uNgqongqoshe wezokuPhepha esifundazweni, uMnuz Bheki Ntuli neMeya yoMkhandlu weTheku uMnuz Mxolisi Kaunda.
“Kuyimanje iNanda inamacala angu-202, lesi sibalo sehle kakhulu uma kuqhathaniswa nalesi sikhathi ngonyaka udlule ngesikhathi kade izwe lingekho kuthaqa,” kusho uMgobhozi.
Uthe nokulethwa kophiko lwamaphoyisa abizwa ngamabharethi kusize kakhulu ekwehleni kwamacala obugebengu endaweni.
“Enye into esiyibonile isiza ekwehliseni amacala obugebengu ukuvalwa kotshwala,” kusho uMgobhozi.
Ethula inkulumo yakhe kulo mcimbi, uZikalala uthe kuyishwa ukuthi kuthiwe kunendoda noma owesilisa odlwengulayo noma ohlukumeza umuntu wesifazane emphakathini.
“Eminyakeni engu-10, edlule izwe laseNingizimu Afrika lavumelana ngokuthi inyanga kaJulayi kube inyanga yokuqhakambisa abantu besilisa, kwasungulwa nomkhandlu wamadoda, lokhu kwenziwa ngoba abantu besilisa beyigugu njengoba sazi ukuthi amadoda angobaba, angobhuti futhi ayingxenye yesizwe, kodwa esikuzwa kamuva kuthiwa kwenziwa ngabanye besilisa kushayisa ngamahloni,” kusho uZikalala.
Uthe abantu besilisa kumele kube yibona abavikela abantu besifazane.
“Kodwa uma kubhekwa ngokwamacala okuhlukumeza kuvela ukuthi abantu besilisa ibona abahlukumezayo esikhundleni sokuthi babe ngabavikeli,” kusho uZikalala.
Uthe cishe amacaleni amaningi abikwayo abantu besilisa ibona abahamba phambili ngokuhlukumeza.
UZikalala uthe nakuba amacala okudlwengula namanye ehlile kodwa kuseyihlazo ukuthi kusakhona amacala abikwayo.
Ethula inkulumo yakhe, uKaunda, uthe nabo babuye bawenze amaphutha uma kukhulunywa ngodlame lobulili kuqhakanjiswe ukuhlukunyezwa kwabesifazane kakhulu bakhohlwe ukuthi kukhona nabanye besilisa abahlukunyezwayo.
Omele intsha ehhovisi likaKaunda, uMnuz Khusela Majikijela, uthe kumele kwenziwe ucwaningo kubhekwe ukuthi kungani abantu besilisa bengabahlukumezi.