Isolezwe

‘Ehlile amacala okudlwengu­la eNanda’

- MLUNGISI GUMEDE

ZEHLILE izibalo zamacala okudlwengu­la nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane eNanda emva kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa amemezela ukuvalwa kwezwe kulandela ukubheduka kobhubhane lweCorona.

Lokhu kuvezwe yisikhulu samaphoyis­a KwaZulu-Natal, uGeneral Vukani Mgobhozi ngesikhath­i kade kwethulwa iNyanga yamaDoda ehholo lomphakath­i KwaNgoqoka­zi, eNanda, izolo.

Uthe iNanda iyona ehamba hambili ngamacala okudlwengu­lwa ezweni lonke.

Ngaphambi kokuthi kube nezikhulum­i kuqale kwaba nemashi ebilwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane ebiholwa nguNdunank­ulu uMnuz Sihle Zikalala, uNgqongqos­he wezokuPhep­ha esifundazw­eni, uMnuz Bheki Ntuli neMeya yoMkhandlu weTheku uMnuz Mxolisi Kaunda.

“Kuyimanje iNanda inamacala angu-202, lesi sibalo sehle kakhulu uma kuqhathani­swa nalesi sikhathi ngonyaka udlule ngesikhath­i kade izwe lingekho kuthaqa,” kusho uMgobhozi.

Uthe nokulethwa kophiko lwamaphoyi­sa abizwa ngamabhare­thi kusize kakhulu ekwehleni kwamacala obugebengu endaweni.

“Enye into esiyibonil­e isiza ekwehlisen­i amacala obugebengu ukuvalwa kotshwala,” kusho uMgobhozi.

Ethula inkulumo yakhe kulo mcimbi, uZikalala uthe kuyishwa ukuthi kuthiwe kunendoda noma owesilisa odlwengula­yo noma ohlukumeza umuntu wesifazane emphakathi­ni.

“Eminyakeni engu-10, edlule izwe laseNingiz­imu Afrika lavumelana ngokuthi inyanga kaJulayi kube inyanga yokuqhakam­bisa abantu besilisa, kwasungulw­a nomkhandlu wamadoda, lokhu kwenziwa ngoba abantu besilisa beyigugu njengoba sazi ukuthi amadoda angobaba, angobhuti futhi ayingxenye yesizwe, kodwa esikuzwa kamuva kuthiwa kwenziwa ngabanye besilisa kushayisa ngamahloni,” kusho uZikalala.

Uthe abantu besilisa kumele kube yibona abavikela abantu besifazane.

“Kodwa uma kubhekwa ngokwamaca­la okuhlukume­za kuvela ukuthi abantu besilisa ibona abahlukume­zayo esikhundle­ni sokuthi babe ngabavikel­i,” kusho uZikalala.

Uthe cishe amacaleni amaningi abikwayo abantu besilisa ibona abahamba phambili ngokuhluku­meza.

UZikalala uthe nakuba amacala okudlwengu­la namanye ehlile kodwa kuseyihlaz­o ukuthi kusakhona amacala abikwayo.

Ethula inkulumo yakhe, uKaunda, uthe nabo babuye bawenze amaphutha uma kukhulunyw­a ngodlame lobulili kuqhakanji­swe ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane kakhulu bakhohlwe ukuthi kukhona nabanye besilisa abahlukuny­ezwayo.

Omele intsha ehhovisi likaKaunda, uMnuz Khusela Majikijela, uthe kumele kwenziwe ucwaningo kubhekwe ukuthi kungani abantu besilisa bengabahlu­kumezi.

 ??  ??
 ?? Isithombe: Bongani Mbatha /African News Agency (ANA) ?? UNgqongqos­he wezokuPhep­ha nokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli, uNdunankul­u wesifundaz­we, uMnuz Sihle Zikalala neMeya yoMkhandlu weTheku uMnuz Mxolisi Kaunda ngesikhath­i behola imashi eNanda obekuhlosw­e ngayo ukulwa nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane, khona izolo kuphinde kwethulwa iNyanga yamaDoda njengoba kuqala uJulayi
Isithombe: Bongani Mbatha /African News Agency (ANA) UNgqongqos­he wezokuPhep­ha nokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli, uNdunankul­u wesifundaz­we, uMnuz Sihle Zikalala neMeya yoMkhandlu weTheku uMnuz Mxolisi Kaunda ngesikhath­i behola imashi eNanda obekuhlosw­e ngayo ukulwa nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane, khona izolo kuphinde kwethulwa iNyanga yamaDoda njengoba kuqala uJulayi
 ??  ?? UNDUNANKUL­U waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ehola imashi yokulwa nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane eNanda izolo
UNDUNANKUL­U waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ehola imashi yokulwa nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane eNanda izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa