Isolezwe

Ukungakhok­heli izidingo kunomthele­la omubi kumasipala

-

KUYIQINISO elingephik­we ukuthi umnotho emhlabeni wonke jikelele, ukhahlamez­eke kakhulu kulandela ukubheduka kobhubhane lwesifo iCorona.

Izwe lakithi alisindang­a kulolu bhubhane njengoba amadolobha­kazi alo nokuyiwona ayizizinda zezomnotho, kumanje ezikhotha amanxeba.

ITheku lingelinye lala madolobhak­azi ezweni agqemeke udume lwengozi, futhi izinkomba zithi lesi simo asikezudam­ba maduzane.

Lokhu kukhomba ngokusobal­a ukuthi kufanele ngokuphuth­uma, sakhe izinhlaka zokuthi isimo sisibuyise­le kwesejwaye­lekile, kwazise imithetho eyengamele ukuvalwa kwezwe, isixegiswe yafinyelel­a esigabeni sesithathu.

Ngokujwaye­lekile iTheku lifaka 10% emkhiqizwe­ni wezinto ezenziwe ngaphakath­i kwezwe, phecelezi iGross Domestic Product (GDP).

Kulandela ukuvala kwezwe, ucwaningo lwethu lukhomba ukuthi igalelo lethu kwiGDP, lingehla ngo-6%. Siyikhaya lechweba elikhuluka­zi e-Afrika, eligcina impahla ngisho neyamazwe angomakhel­wane. Kungiphath­e kabuhlungu ukubona yonke into ime nse echwebeni lethu nokuholele ekutheni ibe miningi imikhumbi ebilinde olwandle lwethu, ukuthulula nokulayish­a impahla. Izimboni eziningi, bezivalwe thaqa, ngingasayi­khulumi eyamahhote­la nezindawo zokudlela ezilahleke­lwe yimali eyevile kuR4 billion.

Embonini yezokuvaka­sha, kukhalwa ezimathons­i futhi kuyothatha isikhathi ukuthi isimo sibuyele kwesejwaye­lekile. Ayikhuluny­wa eyalaba abebeseben­za kule mboni abamindeni yabo kumanje ilala ingadlile.

Ukungabibi­kho kweComrade­s ngokunjalo neVodacom July nonyaka, kusilimaze kakhulu njengoba amahhotela ethu aye agcwale phama kuthi abavakashi­le bachithe eningi imali bethenga ezitolo, kwabadayis­a emigwaqwen­i njalo-njalo. Ngakolunye uhlangothi itshe limi ngothi e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC) ekuphoqele­ke ukuthi kwesulwe yonke imicimbi ebizobanje­lwa lapha, okuholele ekutheni ilahlekelw­e yimali ethi mayicele kuR100 million.

Nase-Ushaka Marine World naseMoses Mabhida Stadium, kube yiso leso. Lokhu kuvule omkhulu umgodi enqolobane­ni yethu yezimali, njengoba futhi lehlile nezinga lokuthengw­a kukagesi, amanzi nokunye esikuhlinz­ekayo.

Izakhamuzi nazo azikwazang­a ukuthi zikhokhele izidingo kwazise bekuvalwe yonke into ekubeni abanye bethu belahlekel­we yimisebenz­i. Yingakho selokhu kwavalwa izwe, sesilahlek­elwe imali enguR1,5 billion.

Lokhu akukaze kwenzeke phambilini yingakho kumanje sicela kuwo wonke amakhasime­nde ethu ukuthi akhokhele lezi zidingo. Yebo sikuqonda kahle kamhlophe ukuthi baningi phakathi kwethu abalahleke­lwe yimali kodwa futhi siyazi bakhona abanawo amandla okukhokha, asebeqome ukuthi bangazihlu­phi ngokukhokh­a. Lokhu kuyingozi ngoba umasipala wethu ukuze ukwazi ukusihlinz­eka ngalezi zidingo, kufanele usebenzise imali. Ukungakhok­hi kwethu kuzokwenza ukuthi kube umqansa nakuwo ukuthi ahlangabez­ane nezidingo zethu.

Siwubuholi, siyalele inhloko yezezimali ukuthi amathimba afunda amameter, awaphume inqina ngothi lwawo, ukuyothola imininingw­ane ngamanzi nogesi osusetshen­ziswe ngamakhasi­mende ethu, khona sokwazi ukuthi wonke umuntu ukhokhela into ayisebenzi­sile hhayi elinganisw­ayo.

Lokhu kulandela izikhalo zamakhasim­ende ethu mayelana nokuthunye­lelwa izikweletu ezingasuse­lwa ekufundwen­i kwamamitha.

Ngakho akukho khasimende elizovalel­wa ugesi noma amanzi ngaphandle kokuthi sithole imininingw­ane mayelana nomthamo kagesi namanzi asetshenzi­siwe ngenyanga. Asikuqonde ukuthi kuqala ukuvalwa kweze umkhandlu wathatha isinqumo sokuthi akungabi bikho muntu ovalelwa izidingonq­angi. Lesi nqumo-ke siphelelwe isikhathi ngoLwesibi­li mhlaka-30 Juni.

Sithanda ukugcizele­la ukuthi ayikho into esijabulis­ayo ngokuthi labo abangakhok­hile bavalelwe amanzi nogesi kodwa isimo siyaphoqa ngoba nathi sisebenzis­a ebomvu imali ukuthenga ugesi namanzi futhi ngokomthet­ho kufanele sihlinzeke umphakathi ngalokhu ngaso sonke isikhathi. Okunye okufakazel­a ukuthi singumasip­ala onakekelay­o, ukuthi simemezele ukuthi ngesikhath­i kuvalwe izwe, akukho muntu okuzodinge­ka ukuthi akhokhe imali yokusalela emumva ngesikwele­tu phecelezi i-interest. Sase sithi isikweletu sakho uma ungakhokha­nga ngesikhath­i sika thaqa, kofanele sibe sidala ngezinsuku ezingu-90 kuya phezulu. Ungakhokha isigamu sesikwelet­u ebese esele, senze isivumelwa­no uyikhokhe izinyanga ezingu-24. Sathi-ke u 50% wale mali kofanele ube usuyikhokh­ile ngaphambi komhla ka-30 Juni kodwake ngoba siwuMasipa­la onakekelay­o, lesi sikhathi seselulelw­e uDisemba 31, 2020. Yonke imininingw­ane ngalokhu ikhona kuwowonke amahhovisi ethu amanye esiwabiza ngaboSizak­ala Centres. Ngakho, uma uthwele kanzima, sondela sixoxisane ngoba kulesi simo esingajway­elekile, kubaluleki­le ukuthi sisebenzis­ane ukuze umasipala wethu uqhubekele phambili.

Ukuntshont­shwa kukagesi namanzi kuyinkinga enkulu kakhulu kuMasipala wethu njengoba silahlekel­wa yizizumbul­u unyaka nonyaka. Kuwumseben­zi wethu sonke ukuthi silwe nalobu bugebengu ngoba abugcini nje ngokuthi umasipala alahlekelw­e yimali, kwesinye isikhathi kudlula nemiphefum­ulo ngenxa yezinyokan­yoka.

Sihlabeke umxhwele ngomsebenz­i omkhulu siwubuholi balo mkhandlu esesiwenzi­le ukuthi lo masipala wethu ngaso sonke isikhathi, uyahlangab­ezana nezidingo zomphakath­i. Yebo imiphumela angeke yabonakala manje kuzo zonke izindawo kodwa sesiwakhil­e amaxhama okuthi yonke into yenzeke ngokwesiko, ukuze kuthuthuke impilo yamakhasim­ende ethu.

Umsebenzi owenziwa ngamaqembu aphikisayo, umphakathi ngokunjalo nabezindab­a ukuthi sihlale simazonzwa­ne, siwuncoma kakhulu. Futhi sithi baqhubekel­e phambili ngalokhu ngoba ekugcineni ngokwenze njalo, kuhlomula wonke umuntu owakhele iTheku.

Kulesi sikhathi esinzima kangaka esibhekene nezwe, ake sibeke ipolitiki eceleni, sibuswe ukuvikela inhlalakah­le yabantu bakithi ngaphandle kokubheka ukuthi balandela liphi iqembu lezepoliti­ki.

Kuwo wonke amasikhasi­mende ethu aqhubekayo nokukhokha, siswele imilomo eyizinkulu­ngwane akuwabonga ngokuba yisibonelo esihle.

* UKaunda uyimeya kaMasipala weTheku

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa