Isolezwe

Isexwayiso sikaMkhize ngothaqa simqoka, asilalele

-

UNGQONGQOS­HE wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize, usexwayise ngokuthi kungenzeka uma isimo siphoqa, izwe libuyiselw­e esigabeni sesihlanu noma sesine sokuvalwa thaqa, kwezwe.

UMkhize ukusho lokhu kade ekhuluma nomunye wemisakazo yaseGauten­g. Uthe kwakungash­iwongo ukuthi ukuvalwa kwezwe kuyoba yinto eyokwenzek­a kanye kuphela kodwa yinto izwe elingabuye­la noma yinini kuyona uma kucaca ukuthi akulawulek­i ukunqandwa kweCorona.

Ukhuluma kanjena nje uMkhize ngesikhath­i sokuloba besebengap­hezudlwana kuka-151 000 abantu abahaqwe yilesi sifo kanti asebeshoni­le bebengu-2 657. Isibalo sabantu abathelele­kayo nabashonay­o sinyuka mawala manje nokuyinto ebibhekiwe ukuthi izokwenzek­a uma sekuqala ubusika.

UMkhize uthe yize bekuqonda ukuthi kumqoka nokuvusele­la umnotho kodwa uma kungukuthi ezempilo zigcina sezithwele umthwalo omkhulu kuzomele ibhungwe eyokuthi aliphinde livalwe izwe ngoba lokho kunqanda ukuphithiz­ela kwabantu abaningi ngoba izimboni eziningi zisuke zivaliwe.

Iyathusa futhi iyadabukis­a inkulumo kaMkhize kodwa siyakuqond­a ukuthi kungani bekumele akhiphe lesi sexwayiso ngoba kunabantu abacabanga ukuthi isigaba sesithathu sisho ukuthi izwe selivuliwe. Asazi noma badidwa ukuvulwa kwezimboni ezithile nokuthi izingane sezibuyele esikoleni yini njengoba sebenza noma yikanjani.

Ukuvulwa kwezimboni kwenzelwe ukuthi abantu bangabulaw­a yindlala nokuzama ukuvuselel­a umnotho ngoba ngeke bonke abantu bondliwa uhulumeni impilo yabo yonke.

Umonakalo owenzeke ngesikhath­i izwe livaliwe thaqa usekude ukulungise­ka, akekho umuntu ofisa izwe liphindele lapho ngoba bayofa abantu bebulawa yindlala.

Ukuhloniph­a imithetho kathaqa awukwenzel­i omunye umuntu, ukwenzela wena uqobo ngoba akekho osithanday­o lesi simo sokungakwa­zi ukuyongcwa­ba nokungakwa­zi ukuhamba ngokukhulu­leka.

Asiyekeni ukuba wuvanzi, sigeze izandla ngensipho futhi sigqoke izifonyo uma siphoqelek­a ukuthi siphume emakhaya.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa