Isolezwe

Akuchitshi­yelwe umthetho zingayitho­li ibheyili izelelesi

-

MHLELI: Njengoba kuqala inyanga kaJulayi ethathwa njengenyan­ga yamadoda aqotho kuleli, umuntu uyazibuza uyaziphend­ula ukuthi iyophela sekubhubhe abantu besifazane abangaki njengoba kubhilite kangaka ukubulawa kwabo ngesihluku?

Kuphela enye kuqale enye inyanga uthembe ukuthi isimo sizoba ngcono kodwa kufane nje.

INkatha Freedom Party (IFP) ikholelwa ukuthi izibalo ezikhula imihla namalanga zokubulawa kwabesifaz­ane nezingane ngesihluku ziyinkomba yokuthi umthetho wakuleli uyaxega.

Ngisho ngoba sekukhulun­ywe kakhulu kukhuzwa lo mkhuba kodwa kunokuba wehle udloba kakhulu kunakuqala kuhle komlilo wequbula.

Amanye amadoda enza lo mkhuba aseyiphuze inyongo inqubo yezobulung­iswa yakuleli ngoba ayazi ukuthi intekentek­e.

Kuphakathi kokuthi umsolwa uyabaleka agcwale amahlanga, noma amaphoyisa azikhandle ambambe ambophe kodwa abonakale esecanasa ngaphandle esekhishwe ngebheyili.

Ngesikhath­i esakhishwe ngebheyili umsolwa, usabisa ofakazi noma abasoconge ababulale ngenhloso yokucima ubufakazi.

Kokunye kubulawa ngisho amalungu emindeni yabagilwa. Uma umsolwa esebuyela enkantolo kutholakal­a ukuthi ubufakazi abusekho noma kabenele kwazise umsolwa uthole ithuba loku’thulisa’ ofakazi esengaphan­dle ngebheyili.

Sekukaning­i emacaleni afaka ukubulawa kwabesifaz­ane uthola abasolwa bengazisol­i ngezenzo zabo yize benenqwaba yezexwayis­o zomthetho.

Yingangakh­o uthola abesifazan­e bebulawa phezu kokuba benezincwa­di zomthetho ezibavikel­ayo, ezingaphez­u ngisho kweyodwa.

Siyi-IFP, sinxusa uMnyango wezoBulung­iswa ukuthi ubuyekeze uphinde uchibiyele imithetho ngoba akusizi ukuthi sibhikishe­le ukuthi abasolwa bathole izigwebo ezinzima ezinkantol­o, ekubeni umthetho uqobo lwawo ungalungis­iwe ezimpanden­i zawo.

Sithi umsolwa akangayini­kwa sanhlobo ibheyili njengoba kwenzeka, okanye ababandaka­nyeka kulawa macala banganikwa izigwebo ezincane ngoba abanye babulala abesifazan­e ngeqholo lokuthi bazodonsa baphume.

I-IFP iyakuncoma ukuthi abasolwa abagila leli chilo babhadle iminyaka ejele.

Egameni le-IFP namadoda aqotho sikhulekel­a ukuthi kule nyanga esiyiqalil­e kungafi noyedwa owesifazan­e ngesandla somuntu wesilisa.

Mnuz Blessed Gwala uSihlalo kaZwelonke weNkatha Freedom Party noMkhulume­li weQembu eKomitini lezokuPhep­ha nokuXhunya­niswa koMphakath­i

 ?? Isithombe:INQOLOBANE YESOLEZWE ?? UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha, uMnuz Fikile Mbalula
Isithombe:INQOLOBANE YESOLEZWE UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha, uMnuz Fikile Mbalula
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa