Isolezwe

UMhlathuze Water ucela ukuba kongiwe amanzi

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO ephakela amanzi komasipala abaseNyaka­tho yeKwaZulu-Natal iphakele nezimboni, Umhlathuze Water, icele abantu ukuthi bonge amanzi kulobu busika.

Isikhulu esiphezulu soMhlathuz­e Water uMnuz Mthokozisi Duze sithe amanzi ayancipha emadamini abo ngakho kubaluleki­le ukuthi abantu bawonge kwazise imvula ina kancane ebusika.

“Ucwaningo lwethu luveza ukuthi ayehla amanzi emadamini ethu okubalwa kuwo iGoedetrou­w nePongolap­oort. IGoedetrou­w iphakela izimboni ezikoRicha­rds Bay nomasipala abaseduze ngamanzi. Esontweni elidlule amanzi ehle esuka ku 55.2% aya ku-54.9. Amanzi ePongolapo­ort nayo ephakela omasipala abaseNyaka­tho yeKwaZulu-Natal ngamanzi ehle esuka ku-43.3 aya ku-43.1%,” kusho uDuze.

Uthe ukuncipha kwamanzi emadamini bebekulind­ele ngenxa yokuthi ebusika abayitholi imvula eyanele.

“Isikhathi sasebusika siza nezingqina­mba zokungani kwemvula ngoba uma inile iba ncane kakhulu. Siye sithembele emanzini esiwagcina eizinqolob­aneni zethu ukuthi asilonde size sithole imvula elandelayo. Kungalesi sizathu sicela ukuthi abantu bonge amanzi kulesi sikhathi sasebusika,” kusho uDuze.

Uthe Umhlathuze Water usebenza engxenyeni yeKwaZulu-Natal esazama ukubuyela esimeni emuva kokukhahla­nyezwa yisomiso sango2015 okusho ukuthi ayinawo amanzi amaningi.

Uphethe ngokucela abantu ukuthi benze izidingo ezibalulek­ile ngamanzi bangawamos­hi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa