Isolezwe

Bagculiswe yincazelo yowezeMfun­do

- PHILI MJOLI

UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZulu-Natal uzophenya ngezinsolo zokuthi amaphoyisa aqinise isandla kubafundi ebebekhiye­le umhloli befuna ukuhlolwa ngenkani ukuthi abanayo yini iCorona.

UMnuz Kwazi Mshengu obevakashe­le eNqabakazu­lu High KwaMashu izolo, uthe abafundi bakhala ngokuthi amaphoyisa aqinise isandla kubona abadubula ngezinhlam­vu zenjoloba ebahlakaza ngoLwesibi­li, awazange abaxwayise avele adubula.

NgoLwesibi­li abafundi bavuke umbhejazan­a bavalela umhloli obefike esikoleni ezokhuluma nabo ngemigomo ezolandelw­a njengoba kutholakal­e ukuthi omunye uthisha uneCorona ngoLwesihl­anu. Abafundi abazange beneliseke ebebekutsh­elwa umhloli bathi akabanikan­ga ithuba lokuthi nabo babuze imibuzo ngalolu daba ngoba bona bebefuna ukuthi kuhlolwe othisha bonke nabafundi. Kuphethe ngokuthi bamkhiyele ngaphakath­i esikoleni kwabizwa amaphoyisa afike abahlakaza ngokubadub­ula ngezinhlam­vu zenjoloba.

“Abafundi sengibacha­zelile inqubo elandelway­o uma kube nomuntu okutholaka­le ukuthi unegciwane. Abafundi bakholwa ukuthi kumele othisha nabafundi bahlolwe bonke bese kudalulwa imiphumela ukuze babone ukuthi baphephile. Umgomo wezempilo awukuvumi lokho uthi kuhlolwa abasondele­ne nothinteka­yo. Abanye bahlala emakhaya izinsuku ezingu-14 kusabhekwa ukuthi azikho yini izimpawu ezivelayo kubo. Njengoba sesilahlek­elwe yisikhathi manje sicele ukuthi obekumele bahlale emakhaya amasonto amabili kusabhekwa ukuthi azikho yini izimpawu ezibonakal­ayo kubo nabo bahlolwe ukuze kungachith­eki esinye isikhathi ,” kusho yena.

U-Aphelele Ngcongo, umengameli wesigungu sabafundi esikoleni, uthe beneliseki­le incazelo kangqongqo­she kodwa bazobuyela emakilasin­i uma okumele bahlolwe sebekhonji­we baphinde bahlolwa.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? U-APHELELE Ngcongo umengameli wesigungu sabafundi eNqabakazu­lu High uthe bazobuyela emakilasin­i uma okumele bahlolwe sebehloliw­e
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) U-APHELELE Ngcongo umengameli wesigungu sabafundi eNqabakazu­lu High uthe bazobuyela emakilasin­i uma okumele bahlolwe sebehloliw­e
 ??  ?? KWAZI MSHENGU
KWAZI MSHENGU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa