Kuphinde kwahlehla ukulalelwa kwebheyili kwelikaBobo
KUHLEHLISIWE ukulalelwa kwesicelo sebheyili sabayisithupha kwabayisikhombisa abasolwa ngokubulala umfundi wasoThongathi.
Inkantolo yemantshi yaseVerulam bekulindeleke ukuthi iqhubeke nokulalela isicelo sebheyili sikaMnuz Mlungisi Thabethe (28), uMnuz Andile Nhleko (27) uMnuz Mncedisi Mzobe (27), uMnuz Siyanda Msweli (26), uMnuz Lindani Ndlovu (22) noMnuz Malusi Mthembu (27) izolo, kwahlehliswa ukulalelwa kwesicelo sabo kuthiwa kusazobhalwa incwadi eya ejele eWestville ukuze badedelwe beze enkantolo. Izolo bebengekho enkantolo baxhumane nenkantolo kusetshenziswa ubuchwepheshe.
Laba abayisithupha basolwa ngokubulala u-Andile Bobo Mbuthu (16) obefunda eNkosibumvu High, owabulawa ngoMeyi isidumbu sakhe satholakala siqotshiwe salahlwa emfuleni kade egcinwe ebonakala eshaywa endaweni yokuzithokozisa kaThabethe, iMagagula Lounge.
Ngesikhathi eshaywa wayesolwa ngokugqekeza nokweba utshwala kuyo le ndawo. Umsolwa wesikhombisa omncane uvela ngokwehlukana nalaba abayisikhombisa, wenqaba ukufaka isicelo sebheyili.
Sekuphele inyanga le nkantolo idingida lesi sicelo sebheyili, kube nezinto eziphazamisayo bese kuyamiswa. Kamuva kutholakale ukuthi abasebenzi abathathu bakule nkantolo banegciwane iCorona lahlehliswa.
UThabethe ubuze kummeli wakhe uMnuz Chris Gaunden ukuthi ngeke yini bavunyelwe ukuthi batoke esiteshini. Ummeli uthe ngeke kuvunyelwe lokho okwamanje.