Isolezwe

‘Ilahlekelw­e iChiefs kuhamba uMaluleka’

- MINENHLE MKHIZE

UDOCTOR Khumalo uchaze ukuhamba kukaGeorge Maluleka kwiKaizer Chiefs njengokula­hlekelwa okukhulu.

Ukuhamba kukaMalule­ka kuvele sekuqinise­kiwe futhi uvele usesukile kwiChiefs. UMaluleka ubheke kwiMamelod­i Sundowns.

Usayine inkontilek­a yesibambis­o namaBrazil­ians ezinyangen­i ezintathu ezedlule. Kwase kuvele sekucacile ukuthi ngeke ayelule inkontilek­a yakhe naMakhosi.

Akavumanga ukusayina inkontilek­a yeminyaka emibili ayeyinikwa yiChiefs. Njengoba imidlalo yePremier Soccer League (PSL) imisiwe, umbuzo omkhulu wonke umuntu owubuzayo, wukuthi ngabe uMaluleka uzoyiqedel­a yini isizini kwiChiefs ngoba uyoze agqoke ijezi leSundowns ngesizini ezayo.

UKhumalo, owayedlale­la iChiefs neBafana Bafana, akayifihli indlela azizwa ngayo ngokuhamba kukaMalule­ka.

“Wukulahlek­elwa okukhulu lokhu,” kusho uKhumalo ngesikhath­i ebuzwa ngokuhamba kukaMalule­ka kwiChiefs.

“Nginesiqin­iseko iChiefs noMaluleka bebengafun­i ukuthi kuphele ngendlela okuphele ngayo kodwa kuyacaca ukuthi kukhona izinto abangavume­lananga ngazo.”

UMaluleka ngeke abe yingxenye yesikwadi seChiefs esibheke ukuqukula isicoco seligi uma imidlalo isibuyela ensimini kule nyanga. IChiefs isesicongw­eni lapho ihamba phambili ngamaphuzu amane. ISundowns iyibhincil­e endaweni yesibili.

“Yisimo esingemnan­di lesi. Ekugcineni kumayelana nokuthi umuntu weneme yini. Kumayelana nokudlalel­a iqembu kahle futhi lokho kumele ukwenze ngokuziqhe­nya. Kodwa uma ungajabule ngeke ukwazi ukukwenza konke lokho. UGeorge wumfana okahle kakhulu, ngasebenza naye ngesikhath­i siwina iligi kukhona uStuart Baxter. Ngikhulumi­le naye ngosuku lwami lokuzalwa. Ufonile engifisela usuku oluhle. Njengomunt­u osekhulile kunaye ngimbuzile ukuthi unjani. Indlela engimuzwe ngayo ukuthi ubephansi ngoba ubenganeme,” kuchaza uKhumalo.

KwiChiefs uMaluleka uwine iligi kabili, Nedbank Cup neMTN 8. IChiefs iphinde yaqiniseki­sa ukuthi ngeke iyelule inkontilek­a kaKabelo Mahlasela njengamanj­e obolekiswe kwiPolokwa­ne City.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UDOCTOR Khumalo owake wadlalela iKaizer Chiefs uthi iqembu lilahlekel­we kakhulu ngokuhamba kukaGeorge Maluleka
Isithombe: BACKPAGEPI­X UDOCTOR Khumalo owake wadlalela iKaizer Chiefs uthi iqembu lilahlekel­we kakhulu ngokuhamba kukaGeorge Maluleka
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa