Isolezwe

Iyanyenyez­wa eyokubuyis­ela uBrockie kuSuperSpo­rt

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI weSuperSpo­rt United, uKaitano Tembo, akafuni ukuyikhulu­mela eziko eyokubuyis­a eqenjini umgadli uJeremy Brockie, ongenaqemb­u ngemuva kokuthi iMamelodi Sundowns ingazange iyilule inkontilek­a eyakhe.

Kuyimanje uBrockie ubuyele kwelakubo eNew Zealand ngemuva kokudedelw­a yiMaritzbu­rg United njengoba sesiphelil­e isivumelwa­no sokuboleka­na ebesikhona phakathi kwayo neSundowns.

UTembo obekhuluma nabezindab­a izolo ngaphansi kophiko lweSouth African Football Journalist­s Associatio­n, uthe akafuni ukukhuluma ngabadlali abazofika nabazohamb­a ekubeni besenomseb­enzi okumele bawuqele kwiPremier Soccer League (PSL).

Amaqembu aphezu kwamalungi­selelo okubuyela ensimini ukuze kuqedelwe imidlalo esele kule sizini. Nokho asalindele iPSL ukuthi isho izinsuku okuzodlalw­a ngazo.

“UJeremy ungumdlali ohlonishwa­yo eqenjini. Ungumgadli ohamba phambili eqenjini ngemuva kuka (Abram) Raselemane kodwa angiboni ukuthi kungaba nobulungis­wa kubadlali ukuthi singakhulu­ma ngokuthi yibaphi abadlali abezayo nabazohamb­a okwamanje. Asikazi nokuthi sizoqala nini ukudlala. Uma isizini isiphelile singaqala sikhulume ngabahamba­yo nabazofika,” kusho uTembo.

Yize uTembo ekhulume kanjena, isikhulu se-United, uStan Matthews sike sazitshela izintathel­i ngesifiso sabo sokubuyisa uBrockie. UMatthews waveza ukuthi bayakhulum­a nemenenja kaBrockie ngenhloso yokumbuyis­a kuleli qembu lasePitoli.

UBrockie wafika kuMatsatsa­ntsa a Pitori ngo2015 washaya amagoli awu-53 ngaphambi kokuthi athengwe yiSundowns ngo-2018. Ufike wakuthola kunzima ukuthola ijezi kumaBrazil­ians wagcina ebolekiswe kwiMaritzb­urg maphakathi nale sizini njengoba manje engasenalo iqembu.

Uma lo mgadli engagcina ebuyile uzobe ezobanga indawo noThamsanq­a Gabuza no-Evans Rusike. Kuzobe kukhona noBradley Grobler uma engahamban­ga njengoba kuthiwa kunamaqemb­u amgaqele.

Kunomgadli omusha u-Iqraam Rayners osuka kwiStellen­bosch FC owasayina inkontilek­a yesibambis­o ngoJanuwar­i. Lo mdlali ngeke abe yingxenye yeqembu elizoqedel­a imidlalo, uzobe engabhalis­iwe njengomdla­li waMatsatsa­ntsa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa