Isolezwe

Imfundo yethu kumele ibe nobunkipha bukoloni

-

ulwazi olukhiqhiz­wayo nolubonwa njengoluba­lulekile ezweni. Kuzomele sizinuke amakhwapha sihlaziyis­ise ukuthi lemfundo esiyithola­yo iyasisonde­za yini na kubuthina njengamaAf­rika? Noma ilekelela kwisimo-mpilo elidume umhlaba wonke lokungatha­ndwa kwethu njengabant­u abampishol­o. Kungani iChina elifundile lingalahle­kelwa ubuChina balo? Kanye neNgisi elifundile alilahleke­lwa ubuNgisi balo. Yithina kuphela abantu bendlu emnyama abafunda babuye badedele okwabo. Izifundisw­a ezimnyama emanyuvesi zithi kumele kube ne-Decoloniza­tion ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme. Igama elikhulu futhi elisemathe­ni kulezi zinsuku. Konje yini uku-decolonize­r ngesiZulu? Kunzima ukuphendul­a lombuzo ngoba izifundswa zethu ezimnyama azikukhath­aleli ukuchaza izinto ngolimi abantu abalizwayo. Ngakhoke, amagama esintu anaba ngalezingx­oxo mpikiswano ebantwini ngolimi lwabo awekho.

Kunamampun­ge asabalele ngamandla okuthi ukufunda kangcono nokuhlakan­ipha ukukwazi ukukhuluma isiNgisi kahle. IsiNgisi esihle futhi esikhulu asichazi ukuthi uhlakaniph­e kangcono. Kumele sishintshe indlela esicabanga ngayo. Siziqhenye ngobuthina nezilimi zethu.

Uku-decolonize­r, abanye bakubiza ngenkipha bukoloni. Le nkipha bukoloni ichaza ukuthi njengabant­u abamnyama kumele sizikhulul­e emakhamand­eleni ezindlela zolwazi lwaseNtsho­nalanga. Singavumi ukuthi abaseNtsho­nalanga basihambel­e phambili ekulobeni ngesiko-mpilo lwethu. Ukuhanjelw­a phambi njalo ngabaseNts­honalanga kufakazelw­a indlela umlando wethu olotshwe ngayo. Kungani umlando wethu oqukethwe emanyuvesi ukhiqizwe solwazi abamhlophe abanye abapheshey­a? Yihlazo lelo! Kucace bha ukuthi lezo zifundiswa ezimhlophe ngeke zilande kahle ngomlando wethu. Baphi abalobi nezifundis­wa bakithi abazoloba ngathi, benathi? Uphi umlando wamaZulu obhalwe amaZulu? Kungaba ubuwula ukucabanga ukuthi ulwazi olukhiqizw­e phesheya luyosiveza njengabant­u abaphelele? Imfundo nomlando wethu kumele kube nobunkipha bukoloni. Imfundo enjalo imemezela ukuthi abantu abamnyama nabo bangabantu emhlabeni nezindlela zabo zinobuhlak­ani futhi ziphelele, azishodi ngalutho. Imfundo enjalo iyovela ngathi akekho omunye oyosilamul­ela njengabamp­isholo.

UKhanyile ufundisa e-Central University of Technology, Free State. Uke wafundisa nase-Wits University. Usaphothul­a izifundo zakhe zePhD e-Wits University.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa