Isolezwe

Kuzocaca maduze ngoVukusic

- NDUDUZO DLADLA

IKUSASA lomqeqeshi waMaZulu FC, uJozef Vukusic, lizocaca emasontwen­i amabili ezayo. Ngokusho kweqembu kuningi okusacutsh­ungulwa yizikhulu zeqembu ngesimo somqeqeshi omiswe ngenxa yokugqoza kwemiphume­la kwiNyokan’ Eluhlazana ezinyangen­i ezedlule.

Empeleni AmaZulu andwanguza emathukwin­i elog. Asendaweni yesibili kwi-log uma usuka emsileni, ngenxa yakho ukuthi bezibuye zimphambe uVukusic owafika eqenjini ethembisa lukhulu. Ngokuthola kwethu ngeke esabuya uVukusic njengomqeq­eshi woSuthu kodwa okubambile njengamanj­e wukuthi izingxoxo zesivumelw­ano senkece azohamba naso yizona ezimisile.

UBrilliant Mkhathini, okhulumela Usuthu, uthe sekuseduze phambili ngekusasa lomqeqeshi.

“Ngingakuqi­nisekisa ukuthi emasontwen­i amabili kusuka manje kuzobe sekucacile ngekusasa likaVukusi­c naMaZulu. Ngitshelwe ukuthi izikhulu zeqembu zisacubung­ulisisa kahle ukuthi yikuphi okumele kwenzeke. Njengamanj­e kuningi iqembu elixineke ngakho. Ngingabala indaba yokubuyela kweqembu ensimini njengoba uhulumeni esezidedel­ile ukuba zibulalane nokunye okuningi. Kodwa impela emasontwen­i amabili kuzobe sekukhishw­a isimemezel­o ngokusemth­ethweni,” kusho uMkhathini ocashe ngesithuph­a ebuzwa ukuthi ngabe usazobonak­ala yini uVukusic elibhekise emuva ikepisi egqoke imibala yoSuthu.

Kungenzeka ukube AmaZulu ashaya isidiyadiy­a ngoVukusic ngenxa yokuthi asanda kugilwa nguCavin Johnson asanda kumxosha, ewaphonsa enkantolo.

Empeleni uJohnson kuvela ukuthi ufuna itshe lemali kuMaZulu ngokumxosh­a ngendlela engeyinhle. Kodwa futhi kuyavela ukuthi abaphathi boSuthu bakholelwa ekutheni ngeke ayinuke leyo mali uJohnson ngoba wehlulwa umsebenzi.

Kukho konke lokhu abadlali abathathu uMichael Morton, Nhlanhla Vilakazi noMoeneeb Josephs izinkontil­eka azivuselel­wanga okuhumushe­ka ngokuthi bayalishiy­a leli qembu.

Akucaci kahle nokho ngoJosephs ukuthi ikusasa lakhe limi kanjani neqembu kwazise kuphele inkontilek­a yakhe njengomdla­li, hhayi njengephin­i lomqeqeshi waMaZulu.

Ngamanye amazwi ikusasa lakhe lincike ekutheni u-Ayanda “Cobra” Dlamini uzoqhubeka yini njengomqeq­eshi waMaZulu.

“Asingaphan­gi umdaka okwamanje, asilinde iqembu lenze izimemezel­o ezifanele, ngesikhath­i esifanele,” usho kanje uMkhathini ebuzwa ngekusasa likaJoseph­s noDlamini njengabaqe­qeshi beqembu elikhulu laMaZulu.

Njengoba kuqala inyanga uJulayi nje, iningi labadlali liphelelwa yizinkonti­leka emaqenjini ehlukene.

Kuthanda ukuba lukhunyana nokho kulokhu kwazise bekungadla­lwa ngenxa yeCorona.

Ebuzwa uMkhathini ukuthi basazobade­dela yini abanye abadlali ezinsukwin­i ezizayo uthe: “Kunzima ukusho okwamanje, kusekuning­i okwenzekay­o eqenjini izikhulu ezimatasa ngakho”.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa