Isolezwe

Inyakazisi­le esigabeni sayo iSeltos

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: KIA SELTOS EX+

KUNGENZEKA ukuthi iKia Seltos ifike izimbangi sezivele zinesikhas­hana zikhona kulesi sigaba samaSUV amancane kodwa akungabaze­ki ukuthi ukuba khona kwayo kuwususile umsindo.

Le moto itheleke eNingizimu Afrika ngoNovemba futhi abantu bayamukela kahle kwazise ngoDisemba kuthengwe ezingu-510.

Le SUV encane ingena ngaphansi kweKia Sportage yona ethe ukuba nkudlwana okuyimoto le nkampani ebisidinga uma ubheka ukuthi ezinye izinkampan­i sezingenis­ile kulesi sigaba esikhula mihla namalanga.

ISeltos ubude bayo bungu-4 315mm, u-1 800mm ububanzi bese kuthi ukuphakama kube ngu-1 620mm. Lokhu kuyenza ivuleke kahle uma usungaphak­athi.

Kodwa ngaphambi kokuthi singene ngaphakath­i, ake siyibheke ngaphandle. Indlela abayenze ngayo bayenze yabukeka nge tiger nose grille yayo enkulu ngaphambil­i. InamaLED Daytime Running Lights ngaphambil­i kuthi ngezansi ibe nama-fog lamps. Amarimu ayo angu-17 inch futhi ifika nesondo eliyisipel­e elikhulu.

Ngaphakath­i nakhona iyakhanga indlela abayenze ngayo. Ngaphambil­i alukho uxhaxha lwamabhath­ini okuyenza ibukeke kahle. Kukhona i-8 inch touchscree­n infotainme­nt system okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Android Auto okanye i-Apple CarPlay. Kunezimbob­o ezimbili zokushaja iselula nge-USB, eyodwa ngaphambil­i nenye ngemuva. Uyakwazi futhi ukuxhuma iselula nge-bluetooth bese udlala umculo. Engingakut­handi kodwa wukuthi izipikha azizwakali kahle ngemuva.

Esiteringi­ni esiqoshwe uSeltos kukhona amabhathin­i okulawula umsakazo, cruise control, nokushints­ha okuvela kwi-instrument cluster.

Izihlalo ziyisikhum­ba futhi abagibeli abahlanu bahlala kahle, isikhala sanele. Ngaphambil­i phakathi nendawo kukhona indawo yokuphumuz­a ingalo futhi nangemuva ikhona uma abagibeli bezoba babili.

Ebhuthini isikhala sikhona sempahla kodwa bengikutho­la kunzima ukuyivala ngoba kumele uyishaye mawala. Uma ingavaleki­le kahle iyakutshel­a kwi-instrument cluster.

I-Seltos ihamba ngenjini engu-1.6 litre 4-cylinder kaphethrol­i engenayo i-turbo. Inamandla angu90kW ne-torque engu-151Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi-6 speed automatic.

Uma uyinyathel­a kancane ihamba kahle edolobheni futhi amagiya ashintshek­a kahle. Inkinga ibiba khona uma ususemgwaq­weni ovulekile ilokhu ishintshas­hintsha amagiya ibheka ezohamba ngalo nangesikha­thi futhi uthi ufaka amafutha mbijana ibange umsindo. Bengize ngizishint­shele mina amagiya ngoba uyakwazi ukwenza lokho uma uthanda. Ngokuhamba kwesikhath­i kodwa iyajwayele­ka ugcine usuyazi indlela okumele uyinyathel­e ngayo ukuze niphathane kahle.

Ngo-100km ibidla amalitha kaphethrol­i angu-8.8 litres futhi uma ithangi layo ligcwele, uhamba cishe amakhilomi­tha angu-600. Bathi iyeza maduze ekadizili. Ngakwezoku­phepha, le moto ifika nama-airbag ayisithuph­a, amabhreki e-ABS, Electronic Brake Force Distributi­on, ama-sensor asiza uma upaka ngemuva nekhamera, Electronic Stability Control neHill-start Assist Control.

Inani KIA Seltos 1.6 EX+ Automatic

R389,995

Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu ne-roadside assistance.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa