Isolezwe

UKhuzani ukhala ngokushiyw­a nguninakhu­lu

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMCULI kamaskandi uKhuzani Mpungose useveze ukuthi ukudlula emhlabeni kukagogo ozala unina kufana nse nokulahlek­elwa ngunina.

UKhuzani izolo ekuseni ubhale ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi ushiywe nguninakhu­lu, uNkk Gcinephi Mngadi (70).

Uthe uninakhulu wamkhulisa waze waba yile nto ayiyona manje njengoba unina ashona eneminyaka engu-14.

“Uyazi ugogo ubesaphila ngisho emzimbeni, obesekhuli­le yilo ozala ubaba kunalona odlulile emhlabeni. Ngidumele ngempela umoya wami uphukile ngalesi sigameko. Ubeyikho konke kimi, ubesivalil­e isikhala sikamama kusukela wangishiya ngimncane. Kuhambe umuntu obengikhat­halela aze angibuze ukuthi ngidlile yini,” kusho uKhuzani.

Uthe ubengalind­ele ukuthi uninakhulu uzodlula ngokuzuma okungaka njengoba embikele ekuqaleni kwaleli sonto ukuthi uzizwa enomkhuhla­ne.

“Ubengifone­le ngoMgqibel­o engibuza ukuthi usunjani umkhuhlane kimina. Uze wathi angibuye ekhaya ngingagule­li emazweni kodwa ngamtshela ukuthi kuzodlula. Uthe nje kimina yena uphile saka. Kodwa ngeSonto ungishayel­e ucingo wathi angithumel­e imoto ezomuyisa kudokotela ayombheka ukuthi unjani ngoba kukhona ukungazizw­a kahle. Izolo ebusuku (ngoLwesith­athu), ukufa kwafika kuyena singalinde­le,” kuchaza yena.

Uthe kubo kanina ubesesele noninakhul­u kuphela.

Uthe uninakhulu ubekikiza uma ethole izindondo kodwa manje ngeke kusenzeka lokho.

Abalandeli balo mculi bakhalisen­e naye ngokudlula kukaninakh­ulu emhlabeni.

Neqembu le-IFP nalo lidlulisel­e amazwi enduduzo kuKhuzani ngalo mshophi.

Leli qembu lithe uninakhulu kaKhuzani ube ngomunye obeyisibon­elo kubantu asebekhuli­le abakhulisa abazukulu babo ngabodwana.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UKHUZANI nogogo ozala unina uGcinephi Mngadi, odlule emhlabeni ngoLwesith­athu njengoba lo mculi eveza ukuthi akagulanga isikhathi eside
Isithombe: SITHUNYELW­E UKHUZANI nogogo ozala unina uGcinephi Mngadi, odlule emhlabeni ngoLwesith­athu njengoba lo mculi eveza ukuthi akagulanga isikhathi eside

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa