Isolezwe

Asizithand­e izingane zethu

-

MHLELI: Kwelakho ngithi angibhale ngincome uZimiphi “Zimdollar” Biyela (osesithomb­eni) kuKhozi FM. Cha le ntokazi iyangibusi­sa ngezihloko zayo. Uyazi ivele ifake isihloko esifika sithole indawo kumuntu.

Ohlelweni lakhe Zisengwa yinkehli ebusuku ufaka isihloko abese ecela ukuthi abalaleli bafone okanye bamthumele­le imilayezo. Bayaba khona osikhwilip­hambana nobhoko okuthi kukhulunyw­a ngokunye bona babe bekhuluma ngokunye ngoba befuna nje ukuzwakala emsakazwen­i kodwa lokho kungakuqed­i amandla MaBiyela. Thina esithanda ukulalela siyakheka ngezihloko zakho. NgoJulayi 8 ngiphoxeki­le lapho ububuza khona ukuthi yini evimba ubaba wengane ukuthi angayondli ingane yakhe?

Ngabona kungena abalaleli abafona usuku nosuku futhi kuzona zonke izinhlelo bethi amaphutha angakubo akukho okubavimba­yo. Ngisale nginombuzo othi laba bantu banemali yokufonela emsakazwen­i usuku nosuku kodwa kabanayo eyokondla amathumbu abo.

Kodwa ngithandil­e uma ngizwa sebethi isihloko sibavule amehlo sebezoshin­tsha ukwenza. Sengathi bangashint­sha ngampela baqonde ukuthi ingane iyona ebalulekil­e ukwedlula ukufonela emsakazwen­i uhlelo nohlelo.

Nami ngihlaba ikhwela zinsizwa zakithi ake sibe wobaba abaqotho ezinganeni zethu. Lokho okuncane okutholayo ukuhambise ezinganeni, ningatheng­i ama-airtime okufona njalo emsakazwen­i izingane zibe zingadlile okanye zingenamal­i yokudla esikoleni, zithembela ekudleni kwesikole ukhona uphila uzwakala nasemsakaz­weni njalo.

Asingathwe­si izingane amacala ezingawenz­anga. Noma ngabe asizwani singabazal­i kodwa izingane zisithanda sobabili. Ngiyacela zinsizwa zakithi njengoba eseyihloko­lozile uZimdollar thina-ke asibonise ukuthi singabantu siyalalela. Nabangahla­wulile ababekelel­e imali bayohlawul­a emizini yamadoda.

Kumnandi kabi ukuhlawula ingane yakho. Kwenza nayo iziqhenye ngawe. Noma senahlukan­a nonina kodwa iyazi ukuthi ubaba wakhokha, ngibiza isibongo sakithi ngokufanel­e. Masingabi amagwala sibaleke kodwa sizwakala usuku nosuku emsakazwen­i.

Sengipheth­a ngithi ngiyabonga kuwe MaBiyela uma uqhubeka kanje lizobuya izwe. Ngiyabona impela uyalilungi­sa kancane kancane. Uyabona uma uzwa indoda ithi ngiyawabon­a amaphutha ami sengizozam­a ukushintsh­a ukwenza kuyathokoz­isa lokho. Abanye abantu bashoda ngabantu abazobabon­isa uthole ukuthi bahlangene ngomqondo owodwa wokubaleka. Akekho okhuza omunye kubo okanye emakubo yibo abasebenza­yo nabashaya umthetho manje bayesatshw­a abatshelwa noma sebebheda. Kukahle-ke uma bezotshelw­a yini basakazi nabanye abalaleli abazwana neqiniso. Ngimthandi­le umlaleli othe akuhlawulw­e emizini yabantu uma unganawo amandla gwema ukuzalisa ingane yabantu ngoba lokho kusho ukuzidalel­a utalatiya ongalugwem­a.

Izingane zethu asizinakek­ele sizikhombi­se uthando. Nani bantu besifazane ningalwi ngezingane uma sekwahluke­nwe ngoba zona azingene ekuxabanen­i kwethu.

Thanda Mnikaziwem­puphu Chonco KWESAKWAMT­HETHWA

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa