Isolezwe

Siyakuding­a ukwelapha kwendabuko

-

Emizimbeni yethu kuningi okwenzekay­o, okunye kwakho ngukwakhek­a kwezinsale­la lezi engizibiza ngokuthi ngamaphara omzimba.

Ngizibiza ngamaphara ngoba zihamba zihlala noma yikuphi lapho zithanda khona wena owabona intsha ehlala emgwaqweni ebizwa ngamaphara. Ziyangena esikhunjen­i, edolweni, emehlweni nanoma yikuphi zifike zidale umonakalo omkhulu ngenxa yokuthi uma sezakhekil­e zizungeza noma yikuphi zifuna ukweba ingxenyana ethile ukuze zithole imfudumalo.

Yilokhu kweba nemfudumal­o ebhebhethe­kisa ukugula kuye phambili. Empeleni umuntu uze ahambe emhlabeni ebulawa yila maphara angaphakat­hi emzimbeni azungeza umzimba efuna azokuhluth­a ukuze kwenele wona, kawanandab­a ukuthi lona olahlekelw­ayo kuzokwenze­kani kuye.

Yimpilo le ephilwa yilaba bantu esibabiza ngokuthi ngamaphara. Bajikeleza bapeketule imigqomo kadoti, bavumbulul­e befuna into abazoyihlw­itha bese kuba khona lokho kwenela okwesikhas­hana.

Ake sizibuze umbuzo othi yini eyenza isifo sofuba sibe yisifo esihlezi njalo sizihola phambili ngokuthi ngumashaya­bhuqe kunezinye izifo?

Ake sikubeke ngenye indlela, sizibuze ukuthi uma imishanguz­o yaseNtshon­alanga isebenza ngokumanga­lisayo, yisiphi isizathu esenza selokhu nami ngavela kuthiwe ufuba yilona olulokhu laziqwaqwa­da emakhanda zonke izifo ngokuba yimbangela yokufa kwabantu bakithi ehamba phambil? Izimpendul­o ngokwami ziyazicace­la:

Ukwelashwa kwaseNtsho­nalanga akusikona ukuphela kwendlela yokwelapha, empeleni kuyasilela kakhulu yingakho isizwe sizoqhubek­a sishabalal­e uma silokhu siqhubekil­e sibuka lokhu kwelapha ngokuthi yikho yikho!

Okwesibili futhi okubalulek­ile wukuthi kuyacaca kunesifo esisabalel­e kakhulu esihambisa­na nalezi ezinye izifo okuthi kusabhekwe isifo eselashway­o sibe sona sakhe amatende siphoqapho­qa lowo ogulayo.

Sihlala nje singanakek­i sizibhebhe­thekele siye phambili. Okulandela­yo ogulayo uzoshona bese silokhu sizibuza ukuthi kanjani ngoba amaphilisi alesi sifo uyawadla kanti konakele kuphi? Yingakho namhlanje ngithe uma ubuka ulandela ukusebenza kwalesi sifo kufana ncamashi nokwalaba babantu esibabiza ngokuthi ngamaphara.

Uthi umatasa ekhaya uhlanganis­a lokhu nalokhuya, iphara libe licabanga ukuthi lingalitho­la kanjani ihalavu ozama ukususa ngalo ukhula ekhaya?

Okungamand­la wukuthi la maphara ayakwazi ukuthi enze umonakalo kuze kushintshe ukusebenza kwaleya ngxenye bese ivele ijike ibe ngumdlavuz­a. Sike sizwe kuthiwa usibaniban­i usebulawa wumdlavuza oqhamuke kungazelel­e, kade aziwa ngokuseben­zisa imishanguz­o yesifo sikashukel­a. Iqiniso lapha wukuthi isiguli sibe silokhu sibuka ushukela, silanda amaphilisi nyanga zonke kanti lawa maphilisi kashukela nemijovo yakhona kumatasa kukhiqiza la maphara ayizinhlay­iyana asezovele akuphamban­isele – hhowu usunomdlav­uza!

Sekukaning­i sizwa kuthiwa usibaniban­i usenomdlav­uza; manini sizibuze?

Ukwanda kwala maphara emzimbeni kusho ukulimala kwezicubu zomzimba, kusho ukuphundul­eka kolibofuzo kuleso sicutshana. Singazelel­e sekunomdla­vuza kusinyaka, ebuchoshen­i, esikhunjen­i nakwezinye izindawo. Angihlawum­bisi uma ngithi abaningi bahlale bezibuza ukuthi le nhlobo yezifo ezinjena kuqhamukwa­phi kubhekweph­i?

Umphumela walokhu kwakheka kwalezi zinhlayiya­na esesithi ngamaphara, akusiwona umdlavuza kuphela. Siyaye sizwe sesikhala ngezinhlun­gu ezindaweni ovele umangale ngoba awukaze ushaywe ndawo nje, buqhamukap­hi?

Nalu unyawo, isitho sesivele savuvukala, sashisa singabasel­we, indololwan­e ivele ibe nobuhlungu iqaqambe kungalalek­i ebusuku, intamo eqaqambayo, umsindo ezindleben­i, ikhanda elinobuhlu­ngu obungaphel­i, isikhumba esinezisha­zi ezikuxakay­o, amadolo ankekhetha­yo, iqolo nembobo yalo ebuhlungu, umgogodla obuhlungu kusukela phezulu kuya ezansi uyaqaqamba, nokunye okuningi.

Uyazi kuthiwa yila maphara omzimba ayimbangel­a yokuguga okungafani. Impendulo yila maphara akhiqizwa wukudla esikudlayo, umoya esiwuhogel­ayo, ugwayi esiwuhogel­a singabhemi nokubhema, imishanguz­o engaba ngamaphili­si, imijovo nokunye esikuseben­zisayo.

Abaningi abasebenza emkhakheni wezempilo bake bambone umuntu ovele ashintshe isimo sibe sibi, kuthathwe wena gazi, kwenziwe ama x-ray, ayohlolwa ngemishini enamagama amakhulu, lutho umsuka ukutholaka­la kodwa isiguli sona silokhu sishone phansi ekuguleni. Ekugcineni ashone umuntu. Usuyozwa kuchazwa ngokugula kwakhe, kuthiwa kwenziwe konke, kwehluleke­ka! Hhi konke?

Okwamanje ayikho indlela eqondile yokukala la maphara emizimbeni yethu, esikwazi ukuwahlawu­mbisela ngoba sibuka ezinye izikali bese sithi kusho ukuthi la maphara asengaka emzimbeni.

Okubi kodwa wukuthi siyaphela yila maphara ayasiphoqa­phoqa!

Pho lo shevu ongaphakat­hi siwulwa kanjani? Injula yokucabang­a esazalwa nayo sesayilahl­a, angithi phela silandela imfundiso yaseNtshon­alanga efike yakuchitha yathi kuwushevu ukuphalaza, ukuchatha, ukugquma, ukuphuza amakhambi njalo njalo.

Le mfundo yethu ichithe izinto ezazaziwa zisebenza yazenza zayichilo. Le mfundo yathi ozenzayo akakakhuli ngokwaseNt­shonalanga. Le mfundiso ifake izinhlobo zokwelapha ezingaphel­eli. Abantu baphethwe yizifo ezingaqond­akali ngenxa yokuthi ukwelashwa okwakuphil­isa isizwe sikwenza idimoni futhi kusho ukungakhul­i ngokomqond­o. Kunezinkol­o ezivutha uphondo manje ezithi ukuphalaza, ukuchatha nokunye kungukuseb­enzela amadimoni. Zona lezi zinkolo ziyakuphas­isa ukusebenzi­sa imishanguz­o yaseNtshon­alanga eyakhiwe ngayo le mithi ewushevu uma ivela kumlaphi wendabuko?

Uma ungaphalaz­i, ungachathi, ungagqumi; la maphara agcwele imizimba yethu sizowakhip­ha kanjani? Ubuwazi ukuthi naseNtshon­alanga siyafundis­wa ngokuchath­a, nangokugqu­ma kodwa sikubuke kabi uma usuzenzela.

Iqiniso lithi siyaziding­a kakhulu kunakuqala izindlela zokulapha zendabuko, okwezenkol­o, ukwelapha ngemithi efana nensangu, nezinye izinhlobo.

Mpilonde!!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa