Siyakudinga ukwelapha kwendabuko
Emizimbeni yethu kuningi okwenzekayo, okunye kwakho ngukwakheka kwezinsalela lezi engizibiza ngokuthi ngamaphara omzimba.
Ngizibiza ngamaphara ngoba zihamba zihlala noma yikuphi lapho zithanda khona wena owabona intsha ehlala emgwaqweni ebizwa ngamaphara. Ziyangena esikhunjeni, edolweni, emehlweni nanoma yikuphi zifike zidale umonakalo omkhulu ngenxa yokuthi uma sezakhekile zizungeza noma yikuphi zifuna ukweba ingxenyana ethile ukuze zithole imfudumalo.
Yilokhu kweba nemfudumalo ebhebhethekisa ukugula kuye phambili. Empeleni umuntu uze ahambe emhlabeni ebulawa yila maphara angaphakathi emzimbeni azungeza umzimba efuna azokuhlutha ukuze kwenele wona, kawanandaba ukuthi lona olahlekelwayo kuzokwenzekani kuye.
Yimpilo le ephilwa yilaba bantu esibabiza ngokuthi ngamaphara. Bajikeleza bapeketule imigqomo kadoti, bavumbulule befuna into abazoyihlwitha bese kuba khona lokho kwenela okwesikhashana.
Ake sizibuze umbuzo othi yini eyenza isifo sofuba sibe yisifo esihlezi njalo sizihola phambili ngokuthi ngumashayabhuqe kunezinye izifo?
Ake sikubeke ngenye indlela, sizibuze ukuthi uma imishanguzo yaseNtshonalanga isebenza ngokumangalisayo, yisiphi isizathu esenza selokhu nami ngavela kuthiwe ufuba yilona olulokhu laziqwaqwada emakhanda zonke izifo ngokuba yimbangela yokufa kwabantu bakithi ehamba phambil? Izimpendulo ngokwami ziyazicacela:
Ukwelashwa kwaseNtshonalanga akusikona ukuphela kwendlela yokwelapha, empeleni kuyasilela kakhulu yingakho isizwe sizoqhubeka sishabalale uma silokhu siqhubekile sibuka lokhu kwelapha ngokuthi yikho yikho!
Okwesibili futhi okubalulekile wukuthi kuyacaca kunesifo esisabalele kakhulu esihambisana nalezi ezinye izifo okuthi kusabhekwe isifo eselashwayo sibe sona sakhe amatende siphoqaphoqa lowo ogulayo.
Sihlala nje singanakeki sizibhebhethekele siye phambili. Okulandelayo ogulayo uzoshona bese silokhu sizibuza ukuthi kanjani ngoba amaphilisi alesi sifo uyawadla kanti konakele kuphi? Yingakho namhlanje ngithe uma ubuka ulandela ukusebenza kwalesi sifo kufana ncamashi nokwalaba babantu esibabiza ngokuthi ngamaphara.
Uthi umatasa ekhaya uhlanganisa lokhu nalokhuya, iphara libe licabanga ukuthi lingalithola kanjani ihalavu ozama ukususa ngalo ukhula ekhaya?
Okungamandla wukuthi la maphara ayakwazi ukuthi enze umonakalo kuze kushintshe ukusebenza kwaleya ngxenye bese ivele ijike ibe ngumdlavuza. Sike sizwe kuthiwa usibanibani usebulawa wumdlavuza oqhamuke kungazelele, kade aziwa ngokusebenzisa imishanguzo yesifo sikashukela. Iqiniso lapha wukuthi isiguli sibe silokhu sibuka ushukela, silanda amaphilisi nyanga zonke kanti lawa maphilisi kashukela nemijovo yakhona kumatasa kukhiqiza la maphara ayizinhlayiyana asezovele akuphambanisele – hhowu usunomdlavuza!
Sekukaningi sizwa kuthiwa usibanibani usenomdlavuza; manini sizibuze?
Ukwanda kwala maphara emzimbeni kusho ukulimala kwezicubu zomzimba, kusho ukuphunduleka kolibofuzo kuleso sicutshana. Singazelele sekunomdlavuza kusinyaka, ebuchosheni, esikhunjeni nakwezinye izindawo. Angihlawumbisi uma ngithi abaningi bahlale bezibuza ukuthi le nhlobo yezifo ezinjena kuqhamukwaphi kubhekwephi?
Umphumela walokhu kwakheka kwalezi zinhlayiyana esesithi ngamaphara, akusiwona umdlavuza kuphela. Siyaye sizwe sesikhala ngezinhlungu ezindaweni ovele umangale ngoba awukaze ushaywe ndawo nje, buqhamukaphi?
Nalu unyawo, isitho sesivele savuvukala, sashisa singabaselwe, indololwane ivele ibe nobuhlungu iqaqambe kungalaleki ebusuku, intamo eqaqambayo, umsindo ezindlebeni, ikhanda elinobuhlungu obungapheli, isikhumba esinezishazi ezikuxakayo, amadolo ankekhethayo, iqolo nembobo yalo ebuhlungu, umgogodla obuhlungu kusukela phezulu kuya ezansi uyaqaqamba, nokunye okuningi.
Uyazi kuthiwa yila maphara omzimba ayimbangela yokuguga okungafani. Impendulo yila maphara akhiqizwa wukudla esikudlayo, umoya esiwuhogelayo, ugwayi esiwuhogela singabhemi nokubhema, imishanguzo engaba ngamaphilisi, imijovo nokunye esikusebenzisayo.
Abaningi abasebenza emkhakheni wezempilo bake bambone umuntu ovele ashintshe isimo sibe sibi, kuthathwe wena gazi, kwenziwe ama x-ray, ayohlolwa ngemishini enamagama amakhulu, lutho umsuka ukutholakala kodwa isiguli sona silokhu sishone phansi ekuguleni. Ekugcineni ashone umuntu. Usuyozwa kuchazwa ngokugula kwakhe, kuthiwa kwenziwe konke, kwehlulekeka! Hhi konke?
Okwamanje ayikho indlela eqondile yokukala la maphara emizimbeni yethu, esikwazi ukuwahlawumbisela ngoba sibuka ezinye izikali bese sithi kusho ukuthi la maphara asengaka emzimbeni.
Okubi kodwa wukuthi siyaphela yila maphara ayasiphoqaphoqa!
Pho lo shevu ongaphakathi siwulwa kanjani? Injula yokucabanga esazalwa nayo sesayilahla, angithi phela silandela imfundiso yaseNtshonalanga efike yakuchitha yathi kuwushevu ukuphalaza, ukuchatha, ukugquma, ukuphuza amakhambi njalo njalo.
Le mfundo yethu ichithe izinto ezazaziwa zisebenza yazenza zayichilo. Le mfundo yathi ozenzayo akakakhuli ngokwaseNtshonalanga. Le mfundiso ifake izinhlobo zokwelapha ezingapheleli. Abantu baphethwe yizifo ezingaqondakali ngenxa yokuthi ukwelashwa okwakuphilisa isizwe sikwenza idimoni futhi kusho ukungakhuli ngokomqondo. Kunezinkolo ezivutha uphondo manje ezithi ukuphalaza, ukuchatha nokunye kungukusebenzela amadimoni. Zona lezi zinkolo ziyakuphasisa ukusebenzisa imishanguzo yaseNtshonalanga eyakhiwe ngayo le mithi ewushevu uma ivela kumlaphi wendabuko?
Uma ungaphalazi, ungachathi, ungagqumi; la maphara agcwele imizimba yethu sizowakhipha kanjani? Ubuwazi ukuthi naseNtshonalanga siyafundiswa ngokuchatha, nangokugquma kodwa sikubuke kabi uma usuzenzela.
Iqiniso lithi siyazidinga kakhulu kunakuqala izindlela zokulapha zendabuko, okwezenkolo, ukwelapha ngemithi efana nensangu, nezinye izinhlobo.
Mpilonde!!