Isolezwe

Bazophenya ngezijumba­ne ezingasaba­laliswanga

- SABELO NSELE

UMNYANGO wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal uthi uzolupheny­a udaba lwezijumba­ne zokudla ezingafiny­elelanga kubanikazi.

Izolo Isolezwe libike ukuthi ngenyanga eyedlule lo mnyango ukwaze ukuhambisa izijumbane zokudla ezingu-1025 esikhundle­ni zezingu-88 000.

Izijumbane zokudla zentengo elinganise­lwa kuR25 million bekufanele zinikwe abahlwempu ngesikhath­i somvalelan­dlini.

Umnyango usole izinhlanga­no ezingenzi nzuzo ngokuhlule­ka ukuhambisa izijumbane zokudla.

Okhulumela umnyango uMnuz Mhlabunzim­a Memela, uthe umnyango unesivumel­wano nezinhlang­ano ezingenzi nzuzo ezintathu, wathi kepha kubukeka ikhona inkinga ekuhanjisw­eni kokudla.

“Eyodwa ibhekelele izindawo ezimaphaka­thi nesifundaz­we, enye ibhekelele isifunda Ulundi bese enye ibhekelele uMgungundl­ovu neTheku.

Ngingakuqi­nisekisa ukuthi ukudla akuduvile emahhovisi omnyango.” Esitatimen­deni uNgqongqos­he uNkk Nonhlanhla Khoza, uthe kuyakhatha­za ukuthi izinhlanga­no ezingenzi nzuzo ziyahlulek­a wukugcina isivumelwa­no nakuba zinesipili­yoni seminyaka kulo msebenzi. Uthe sekunesikh­athi eside zisebenzis­ana nomnyango. “Kubuhlungu futhi kuyihlazo njengoba abantu beqhubeka bedonsa kanzima. Sizokwenza isiqinisek­o sokuthi okufanele baqondiswe ubugwegwe siyabaqond­isa. Okusikhath­aza kakhulu wukuthi lezi zinhlangan­o zanikezwa izinsiza zomnyango okubalwa izimoto, amaforklif­ts namakhadi kaphethrol­i kepha ziyahlulek­a ukuhambisa izijumbane zokudla,” kusho uNkk Khoza. Amalungu ekomiti eliqaphe ukusebenza komnyango esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal asigxekile isenzo sokuhlulek­a ukuhambisa izijumbane zokudla kubantu abafanelwe wukuzithol­a.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IKOMITI lenhlangan­o yezitshude­ni i-UKZN Enactus elimele iNingizimu Afrika emncintisw­aneni we-Enactus World Cup
Isithombe: SITHUNYELW­E IKOMITI lenhlangan­o yezitshude­ni i-UKZN Enactus elimele iNingizimu Afrika emncintisw­aneni we-Enactus World Cup
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa