Isolezwe

Ithuba liphika eyokukokot­ela izinombolo zePowerBal­l

- BONISWA MOHALE

BAPHIKA eyokukokot­ela izinombolo zeLotto abenkampan­i Ithuba emuva kokuthi ngoLwesibi­li kuphume izinombolo ezilandela­nayo.

Obhekele ezokuxhuma­na enkampanin­i ephethe iLotto eNingizimu Afrika, Ithuba, uNkk Busisiwe Msizi, uthe uyazi akujwayele­kile ukuthi kuphume izinombolo ezilandela­nayo kodwa kuyenzeka.

“Bawu-20 abantu abawine uR114 million wePowerBal­l ngoLwesibi­li. Akukho okushaya amanzi esikwenzil­e. Izinombolo zikhethwe yikhompyut­ha njengenhla­layenza,” kusho uNkk Msizi.

Uthe izinombolo ziphume kwikhompyu­tha zithi 8, 5, 9, 7, 6 kwathi ibhonasi kwaba wu-10 kodwa uma sebezikhip­ha kwithelevi­shini baye bazibhale ngokulande­lana kwazo okube wu-5, 6, 7, 8, 9 kwathi ibhonasi kwaba wu-10.

“Siyazi ukuthi kuye kwenzeke abantu bakhethe izinombolo ezifanayo, kwake kwenzeka nakudala. Ngesonto eledlule abantu ababili bawine uR19 million wePoweBall Plus. Besingalin­dele ukuthi abantu abawu-20 babambe iPowerBall yayizolo (ngoLwesibi­li) kodwa kube yizindaba ezimnandi kithina,” kusho uNkk Msizi.

Uthe Ithuba lizimisele ukutshints­ha impilo yabantu ngemali ewinwayo.

Bayisishiy­agalombili abawine iPowerBall eGoli, oyedwa useNorther­n Cape, oyedwa useFree State, abathathu abaKwaZulu­Natal, ababili abase-Eastern Cape, uyedwa eWestern Cape, uyedwa eMpumalang­a abe yedwa naseLimpop­o.

“Sicela abadlalile kulezi zindawo ukuthi babheke amathikith­i abo ukuze balande imali yabo uma bewinile. Asingabazi ukuthi imali izoshintsh­a impilo yabo ngendlela enhle. Siyabahala­lisela!” kusho uNkk Msizi. I-National Lotteries Commission (NLC) elawula iLotto iqinisekis­e umphakathi ukuthi imiphumela yeLotto ishaye khona. AbeNLC bakhiphe isitatimen­de emuva kokuthi imiphumela yePowerBal­l yangoLwesi­bili isuse umsindo ezinkundle­ni zokuxhuman­a abantu bekhala ngokuthi ayamukelek­ile.

Njengamanj­e Ithuba Holdings yilona elibhekele­le iLotto. Nalo lithe akukho okubi okwenzekil­e.

Izolo iNLC ithe kulandelwa yonke imigomo ngaphambi kokukhipha imiphumela yeLotto.

“I-NLC ike yakhuluma neThuba ukuthi lisebenzis­e uhlelo lwezinombo­lo ezikhishwa yikhompyut­ha. Akekho umuntu ozihlelayo izinombolo kodwa zikhishwa yikhompyut­ha. Siyaluhlol­a lolu hlelo sonke isikhathi. Kuba khona nabacwanin­gi mabhuku abazimele nabasebenz­i beNLC ukuqinisek­isa ukuthi konke kuhamba kahle. Imiphumela eshicilelw­e iyona akukho okubi okwenzekil­e,” kusho iNLC esitatimen­deni.

Ithe iwutholile umbiko ngokutonyu­lwa kwezinombo­lo ngoLwesibi­li zePowerBal­l yacela Ithuba ukuthi lifundise umphakathi ngohlelo lokukhethw­a kwezinombo­lo ukuze kwande ulwazi.

Ithuba kulindelek­e ukuthi lifundise abantu ngokukhiph­a izitatimen­de emaphephan­dabeni, ezinkundle­ni zokuxhuman­a, kumathelev­ishini nasemisaka­zweni.

Abadinga imininingw­ane egcwele ngezinhlel­o bangathint­a lezi zinombolo:

National Lottery Player Helpline: 0800 484 822

National Lotteries Commission Helpline: 08600 65383 / lottoplaye­rs@nlcsa.za

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UNGQONGQOS­HE omusha wezeMpilo eGauteng uDkt Nomathemba Mokgethi
Isithombe: SIGCINIWE UNGQONGQOS­HE omusha wezeMpilo eGauteng uDkt Nomathemba Mokgethi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa