Isolezwe

Kugwetshwe ummeli odle imali yeRAF

- AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

UMMELI waseKapa ugwetshwe iminyaka engu-12 ejele ngamacala okuqola ababehlomu­le ngemali yokulimala emigwaqwen­i iRoad Accident Fund (RAF).

Ummeli oneminyaka engu-53 ongumnikaz­i wenkampani iBA Bauman Attorneys, uMnuz Brian Albertus Bauman, kuthiwa waqola ababehlomu­le ngemali, wabe esesebenzi­sa uR14.8 million ukuba agembule.

Okhulumela iNational

Prosecutin­g Authority, uMnuz Eric Ntabazalil­a, uthe inkantolo inqume ukuthi kuphenywe ukuthi ingadliwa yini impahla kaBauman.

Uthe uBauman, kwakumele avule i-akhawunti ukuze afake le mali kuyo, wathi wavuma ukuthi wathola imali engaphezu kukaR24.4 million, yabantu ayebamele kodwa wagcina ebanikeze uR6.7 million kuphela, wazidlela enye.

“UBauman, uvume ukuthi uma imali isifakwe ngabeRAF kwi-akhawunti yenkampani yakhe, akazange ayidlulise­le kubantu abafanele, kwabanye wayebakhok­hela imali encane enye azidlele yona,” umshushisi Adv Siphokazi Makanda utshele inkantolo.

UMakanda uthe lo mmeli wathatha imali okwakumele ilekelele abalimele kanzima ezingozini zezimoto.

“Ngisho noma esevulelwe amacala ubeqhubeka ethatha imali yabantu,okusho khona ukuthi ubengenalo uzwelo.”

UBauman odivosile futhi onezingane ezintathu, utshele inkantolo ukuthi ubenenking­a yokugembul­a.

Uthe useyalutho­la usizo, uhamba nemihlanga­no ezomlekele­le kule nkinga abhekene nayo.

Inkantolo ithe ngoMeyi 5, 2021 kumele uMbuso usho ukuthi unezimpahl­a ezingabiza malini ukuze ukwazi ukuthatha isinqumo ngokudliwa kwazo.

UBauman kuthiwa kumele alethe isitatimen­de esisho ukuthi unempahla engakanani. Kuzolalelw­a ngo-Okthoba 2021 ukuthi impahla yakhe ezodliwa ingakanani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa