Isolezwe

Abadwebi baqwashisa abantu ngeCovid-19

- MBALI KHANYILE

ABADWEBI abangamalu­ngu enhlangano yamaciko Amasosha Movement baqwashisa abantu ngeCovid-19 embukiswen­i ozodonsa amasonto amane owethulwe ngoMsombul­uko Ekomkhulu Art Space eWindermer­e, eThekwini.

IThings Fall Apart, okuhloswe ngayo ukuvula imiqondo yabantu ngezithomb­e zemidwebo mayelana nokumele bakugweme ngenxa yokuhlasel­wa kwezwe yiCovi-19, izoze igoqwe ngoDisemba 31, ngokusho kukaMnuz Mthobisi Maphumulo, omunye wamaciko akhombisa ngemiseben­zi yawo.

Uthe uyakholwa wukuthi abantu baseThekwi­ni nabahambel­a idolobha abazifela ngobuciko, bazowubamb­a umyalezo odluliswa ngombukiso.

“Thina bantu abamnyama asikwazi ukusizakal­a kalula eminyangwe­ni eneqhaza ekulekelel­eni ababhali bezincwadi yingakho njengamaso­sha siqoke ukuthi senze umbukiso. Lesi simo esibhekene naso sizoba wumlando kubazukulu nasezizuku­lwaneni zethu yingakho sithe nathi asenze okungaba wumlando ohambisana nomsebenzi owenziwa ngamaciko,” kusho uMaphumulo.

Uthe ngoLwesihl­anu kuzoba nomcimbi ozoqala ngo-12 emini, okuzobe kubukwa kuwo imisebenzi enamekwe ezindongen­i ze-gallery abayiseben­zisayo.

Uthe kuzobe kuvumeleke wonke umuntu kuwo.

“Abantu abanemibuz­o ngomsebenz­i wethu bazothola ithuba lokuphendu­leka kuyo imibuzo abanayo ngoba nathi sizobe sikhona. Kungenwa mahhala nezingane zamukeleki­le ukuthi zifike nabazali.”

Bayisishiy­agalombili abadwebi abanameke imisebenzi yabo embukiswen­i – Morgan Mahape, Andile Maphumulo, Thembi Mthembu, Nhlakaniph­o Ndimande, Nkosinathi Mdluli, Wright Makhathini, Nongani Luthuli noMthobisi Maphumulo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa