Sijatshulelwe esokungenyuki kwentela
SISHAYELWE ihlombe isinqumo sePorts Regulator of South Africa sokungayenyusi imali yentela empahleni engenayo nephumayo ezweni ngonyaka ozayo yize iTransnet National Port Authority (TNPA) ibicele ukuthi inyuswe ngo-19.74%.
I-Ports Regulator ithe emuva kokubheka zonke iziphakamiso zezinhlaka ezisebenza emkhakheni wasolwandle, inqume ukungayinyusi imali ekhokhwa yiziqukathi ezithwala impahla.
Kunalokho izokwehla ngo-10% no-3% kusukela manje kuze kube wu-2022.
Imali yenye impahla nokunye okuthinta ukusebenzisa amachweba izonyuka ngo-5%.
Imali yokuthumela amalahle ne-magnetite nayo izonyuka ngo-5%.
I-South African Association of Ship Operators and Agents neDurban Chamber of Commerce and Industry basishayele ihlombe isinqumo.
UMengameli weDurban Chamber, uMnuz Nigel Ward, uthe iPorts Regulator of South Africa yenze kahle yasichitha isicelo seTNPA ngoba lokhu bezokuthwalisa kanzima osomabhizinisi.
“Sikholwa wukuthi isinqumo sokungayenyusi imali ngo-19.74% sizokwenza iNingizimu Afrika ikwazi ukuncintisana namanye amazwe, sehlisa nezindleko zokuqhuba ibhizinisi. Iningi imali elahlekile ngesikhathi somvalelandlini eyenze ukuthi amabhizinisi amaningi adonse kanzima. Njengamanje sidinga izinqumo nemithetho ezolekelela amabhizinisi ukuthi asimame bese kuthuthuka nomnotho wezwe,” kusho uWard.
Uthe osomabhizinisi abancane abathumela futhi balande impahla phesheya bazozuza ngesinqumo ngoba bazothumela impahla kwamanye amazwe ngaphandle kokulahlekelwa yimali enkulu.
“SiyiDurban Chamber siyahambisana nesinqumo ngoba amachweba abalulekile emnothweni wezwe ngakho uma kwehliswa izindleko zokuqhuba ibhizinisi kusho ukuthi kuzohlomula osomabhizinisi nomnotho wezwe,” kusho uWard.