Isolezwe

Bayasamuke­la isinqumo ngemicimbi

- FANELESIBO­NGE BENGU

ABAHLELI bemicimbi bathi bayasamuke­la isinqumo sikahulume­ni waKwaZulu-Natal sokuthi ihoxiswe imicimbi emikhulu ngamaholid­i kaDisemba ngenhloso yokuzama ukunqanda ukubhebhet­heka kweCovid-19.

Okhulumela uhulumeni uLennox Mabaso uthe imicimbi eheha izinkulung­wane zabantu kumele ingabi khona.

“Uhulumeni ukhulume nongoti bezempilo abeluleke ngokuthi ayimiswe ngenxa yokunyuka kwesibalo sabahaqwa yiCovid-19. Akukhona ukuthi akafuni ukuthi ibe khona nokuthi umnotho uphinde usimame kodwa isimo asivumi,” kusho uMabaso. Uthe kukubahlel­i ukuthi bayaqhubek­a yini nemicimbi uma bezolandel­a imigomo ebekiwe. Ngokukahul­umeni imicimbi eyenziwa ezindaweni ezivulelek­ile kumele ibe nabantu abangeqile ku-500.

“Imicimbi emincane neyeminden­i enesibalo esincane sabantu ingaqhubek­a kodwa kulandelwe imithetho. Lesi yisinqumo esimile kuze kwenziwe esinye isimemezel­o futhi,” kuchaza uMabaso.

Umhleli weFact Durban Rocks uDJ Tira, uthe bayasamuke­la isinqumo sikahulume­ni kodwa umcimbi wabo uzoqhubeka ngaphandle kwezethame­li.

“Sihlangani­sa ikhonsathi ezokwenza ukuthi abantu babe nento ezobenza bahlale emakhaya. Sinxusa uhulumeni asixhase ngoba ukuhoxiswa kwemicimbi akushayi amaciko kuphela kodwa namabhizin­isi amancane avele ashayekile asebenza ngemicimbi,” kusho uTira. IFact Durban Rocks izoba ngoDisemba 31 izoqala ngo-9 ebusuku.

UTira uthe kuzonandis­a yena, Sjava, Simmy, Nomcebo Zikode, Blaq Diamond, Shimza, Dlala Thukzin nabanye.

Umhleli weDurban Jazz Festival eba ngoDisemba 26 uMdu Ngcobo, uthe bayasamuke­la isinqumo yize bebengatha­nda ukuthi uhulumeni ababize abachazele esithe ngaphambi kokumemeze­la emphakathi­ni.

“Ayikho i-jazz kulo nyaka ngoba sihlonipha imithetho. Abantu abaphephe undunankul­u usekhulumi­le.”

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? UHULUMENI waKwaZulu-Natal umise imicimbi ethanyelwa yizinkumbi zabantu ngamaholid­i kaDisemba
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) UHULUMENI waKwaZulu-Natal umise imicimbi ethanyelwa yizinkumbi zabantu ngamaholid­i kaDisemba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa