Ibhubhudliwe imali yobhubhane
ZAPHATHWA budedengu izigidi zamaRandi zokulwa nokusabalala kobhubhane iCorona kuMasipala waseThekwini.
Lokhu kutholwe uphenyo lwangaphakathi obeluphenya ngoR456 million owasetshenziswa yilo masipala ngesikhathi sokuvalwa kwezwe.
Umbiko wangaphakathi othulelwe umhlangano wesigungu esiphezulu emkhandlwini obuhlangene izolo, uthole ukuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi kusetshenziswa le mali.
Umbiko othulwe nguNkk Phumi Madlala oyisikhulu esiphezulu ophikweni olucwaninga amabhuku ngaphakathi kulo masipala, uthole ukuthi umasipala walahlekelwa yizigidi zamaRandi ngenxa yokungalandelwa kwemigudu ekusetshenzisweni kwale mali.
Umbiko uthi imali ewuR75 million yasetshenziswa budedengu.
UNkk Madlala uthe esikhathini esiningi kwakukhushulwa intengo yezimpahla ezazithengwa umasipala ngesikhathi sikathaqa.
Umbiko uveza nokuthi kunezimpahla ezingahlangene nokulwa nokusabalala kwegciwane, ezinye zazo ezathengwa ngaphambi komvalelandlini, ezifakwe ngaphansi kohlu lwezinto ezathengelwa ukulwa nokusabalala kobhubhane iCorona.
Lo mbiko ushaye amakhala ngoR100 million okuthiwa wakhokhelwa abasebenzi ababesebenza isikhathi esengeziwe ngesikhathi somvalelandlini.
“Abanye babasebenzi bebekhokhelwa imali engawuphinda kabili noma kathathu umholo wabo wenyanga. Ngendlela okuyiyona, indlela abakhokhelwe ngayo abanye abasebenzi kukhombisa ukuthi babengalali, bengasayi ngisho emakhaya. Uma uhlanganisa amahora abawasebenzile, ahlangana amahora enyanga yonke.”
Lo mbiko uphinde wathola ukuthi kwaba khona ukunyuswa kwentengo ekusetshenzisweni kukaR68 million wokuhlinzeka abahlala emgwaqweni ngendawo yokuhlala ngesikhathi sikathaqa.
Ngale mali kwaqashwa amatende, kwathengwa ukudla, izingubo zokulala nezinsiza zokuvikela ukusabalala kobhubhane.
Amakhansela avumelane ngokuthi lo mbiko azowuxoxa emhlanganweni olandelayo wesigungu esiphezulu njengoba ethe lo mbiko uqukethe okuningi okushaqisayo.
Akhale ngokuthi abengalitholanga ithuba lokuwucubungula ngaphambi komhlangano njengoba ethe aqale ukuwubona ngesikhathi uthulwa emhlanganweni.