Uphiko olusha emaphoyiseni
KWETHULWE uhlaka lwamaphoyisa iRoyal Reserve Policing esigodlweni eNyokeni, KwaNongoma, oluzolwa nobugebengu futhi luqinise ukuphepha emhlabeni wamakhosi.
Amaphoyisa aqeqeshwe ngokugcwele ebuphoyiseni.
Lwethulwe yiSilo samaBandla, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, noKhomishana wamaPhoyisa, uGeneral Khehla Sitole, izolo ekuseni. ISilo siwethe igama sathi yiZitoyitoyi.
Lwethulwe ngoDisemba 3, ngosuku okwabekwa ngalo iSilo ngo-1971, sineminyaka ewu-33. Kubuye kube wusuku okwakhothama ngalo unina weSilo, iNdlovukazi uJezangani Thomozile Ndwandwe Zulu.
INgonyama iyalele amaphoyisa ukuthi abe sekhaleni lempi elwa nobugebengu, udlame olubhekiswe kwabesifazane nasezinganeni, ukudayiswa kwezidakamizwa, ukwebiwa kwemfuyo nokubulawa kwabalimi nezakhamuzi futhi kuqedwe udlame lwamatekisi.
IMbube ithe lapho kukhona amaphoyisa izinswelaboya kumele zithuthe.
Ithe iboniswa isikhathi esinzima esizayo sokuqhelana kwabantu nohulumeni, iNingizimu Afrika izithole isifana namanye amazwe ase-Afrika akhungethwe yizinkinga.
“Okumqoka uhulumeni akahloniphe ngokuthi agweme inkohlakalo nechilo esilibona nsuku zonke. Esikuzwayo ngabathile kuhulumeni kuyihlazo. Abazinuke amakhwapha bese bezisika izinsumpa ezimile kubo,” kusho uMdlokombane.
UCele ubikele iSilo ukuthi iKwaZulu-Natal ihamba phambili ngokudlwengula eNingizimu Afrika. Isiteshi esihamba phambili yiNanda ilandelwe wuMlaza.
Uthe iNanda ibuye ibe ngunombolo 2 ngamacala okubulala, uMlaza uwunombolo 4.
Uthe banike la maphoyisa amathuluzi omsebenzi wokuvikela izakhamuzi.
“Asifuni ukunibona senigila imikhuba, nigwazisa, nidlwengula noma senintshontsha. Asifuni ukunibona nincipha ngoba senikhonjwe indlela emsebenzini,” kusho uCele.
USitole uthe kubuyiswa isithunzi sobuphoyisa asebukhosini.
Uthe uhlelo luzosatshalaliswa izwe lonke, kuzo zonke izindawo eziphethwe amakhosi.
Uthe basazokwethula uhlelo olulwa nokwebiwa kwemfuyo, lusimamise umnotho bese bethula neSafer Cities ezindaweni zamakhosi.
Udonse ngendlebe amaphoyisa ukuthi angazihlanganisi nezenzo zobugebengu.
“Ningaziphoxi. Uma uphula umthetho uzoshintsha inyufomu oyigqokile ufake eyeziboshwa,” kuxwayisa uSitole.
USihlalo weCommunity Policing Forum KwaZulu-Natal, uMnuz Mathenjwa, unxuse abantu ukuthi bajoyine izinhlaka ezilwa nobugebengu emphakathini.
Ngaleyo ndlela ubugebengu buyehla uma kuliwa nabo ngokuhlanganyela.
INkosi Phathisizwe Chiliza ithe ichilo lokubulawa kwabesifazane nezingane kumele liphele.