Isolezwe

Ulaka lomthetho kwabaphula ekathaqa

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUQINISWE imithetho ezindaweni okubhebhet­heka kuzo iCovid-19. UMengameli Cyril Ramaphosa izolo ekhuluma nesizwe uthe singasigwe­ma isivuvu sesibili segciwane ngokuthi kulandelwe imigomo ebekwe uhulumeni.

URamaphosa uthe ngoLwesith­athu babe ngaphezu kuka-4 000 abantu okutholaka­le ukuthi baneCorona.

“Kunezindaw­o ezintathu okuvela izibalo eziphezulu zabantu abathelele­ka ngegciwane. Lezo zindawo yiNelson Mandela Bay, Sarah Baartman eziseEaste­rn Cape, neGarden Route eWestern Cape. Izona okwanda kakhulu ukuthelele­ka kwabantu nokushona kwabo,” kusho uRamaphosa.

Uthe ngokocwani­ngo bathole ukuthi ukuhlangan­a kwabantu nokungalan­deli imigomo yezokuphep­ha kuholela kule nkinga.

“Ukuhlangan­a kwabantu emicimbini, emingcwabe­ni, nasemaband­leni kuba yilapho bethelelek­a khona kakhulu.

Ukuhlangan­a kwabantu ezindaweni ezivalekil­e, ezingangen­i umoya ngendlela yikhona okubhebhez­ela igciwane. ENelson Mandela Bay kubikwe kakhulu ngabantu abangenisw­a ezibhedlel­a ngenxa yezigameko zokulimala ezidalwa utshwala,” kusho uRamaphosa.

Uthe yize abantu belandela imithetho kodwa bakhona abangenand­aba nayo.

“Okukhulu ukuthi abantu abazigqoki izifonyo futhi abazigezi izandla. Inkinga enkulu esinayo ukuthi kukhona izindawo ezinabantu abangayila­ndeli nhlobo imithetho.

Manje umsebenzi osimele owokunqand­a lesi simo, ukuze singabi nesimo esifanayo kwezinye izindawo,” kusho uRamaphosa.

Uthe eNelson Mandela Bay bazoqinisa umthetho.

“INelson Mandela Bay Metro kusukela phakathi kwamabili sizoyifaka ngaphansi kwendawo eyisizinda segciwane. Kusukela ngo-10 ebusuku nango-4 ekuseni akuvumelek­ile ukuthi abantu baphume ezindlini ngaphandle kwalabo abenza imisebenzi ebucayi. Utshwala buzothengw­a kusukela ngo-10 ekuseni kuya ku-6 ntambama ngoMsombul­uko kuya kuLwesine. Kuvaliwe ukuhlangan­a kwabantu uma kukade kunemingcw­abo. Emicimbini kuvumeleke abantu abangu-100 uma ingaphakat­hi nabangu-250 uma ingaphandl­e. Lokhu sikwenzela ukunqanda isimo esisibona kuleya ndawo ukuze singabhebh­etheki,” kusho uRamaphosa.

Uthe eNelson Mandela Bay ngeke kuvunywe nhlobo ukuba kusokwe.

“Lokhu asikwenzel­i ukujezisa abahlala kule ndawo kodwa ukubavikel­a.”

Ukufakwa kwezwe ngaphansi kwesigaba sezinhleke­lele kuzoqhubek­a kuze kube unyaka ozayo. Kumanje isizwe siyaqhubek­a nokuba ngaphansi kwesigaba sokuqala sikathaqa.

URamaphosa uthe abaphula imithetho kathaqa bazobhekan­a nolaka lomthetho, bazoboshwa.

URamaphosa uthe njengoba kuzoba amaholidi kaKhisimus­i, kuvakashel­wa abangani nezihlobo kumele kuqikelelw­e ukuthi kuphephile.

Uthe abantu kumele bangakhohl­wa wukuthi kushone abazali, abangani nezihlobo ngenxa yegciwane ngakho kumele siqhubeke nokuvikela­na.

“Sisengakwa­zi ukunqanda igciwane njengoba senza ngaphambil­ini.”

Unxuse osomatekis­i ukuthi baqiniseki­se ukuthi abagibeli bafaka izifonyo.

 ?? Isithombe: JAIRUS MMUTLE ?? UMENGAMELI Cyril Ramaphosa, unxuse abantu ukuba babambisan­e kuliwe nokubhebhe­theka kweCovid-19 njengoba kunezindaw­o okubukeka landa ngesivinin­i igciwane
Isithombe: JAIRUS MMUTLE UMENGAMELI Cyril Ramaphosa, unxuse abantu ukuba babambisan­e kuliwe nokubhebhe­theka kweCovid-19 njengoba kunezindaw­o okubukeka landa ngesivinin­i igciwane
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa