Isolezwe

Akunqandwe ukuputshuk­a kwaka-matric

-

IAsingabaz­i ukuthi iCovid-19 yengeze umthwalo kubafundi baka-2020, ikakhuluka­zi abasezikol­eni zasemakhay­a nasemaloki­shini.

Kodwa-ke kasikho isizathu esigunyaza ukuputshuk­a kwamapheph­a ngoba kungaholel­a ekutheni kuqalwe phansi ukubhala okungeke kube ubulungisw­a kubafundi abebezikha­ndlile belungisel­ela ukubhala ngaphandle kokukopela.

Kuqale ngezinsolo ngokuputsh­uka kweMaths Paper 2 eGauteng naseLimpop­o.

Kutholakal­e ukuthi yisitshude­ni sasenyuves­i esibikele uMnyango wezeMfundo ngabafundi ababefuna usizo “ngembuzi” ngaphambi kokubhala.

Ngemuva kwalokho kuhlaluke ukuthi nezinye izifundazw­e eziyisithu­pha ziyathinte­ka “ekuhlinzwe­ni kwembuzi” ngaphandle kweFree State.

Kubuye kwatholaka­la nokuthi sekuputshu­ke nePhysical Science Paper 2.

Umnikazi wenhlangan­o engenzi-nzuzo waseGauten­g nguye owabhobosa ithumba ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngemva kokubona “imbuzi ihlinzwa” kwiWhatsAp­p.

Kube nezinsolo zokuhlinzw­a kweMaths Paper 1 KwaZulu-Natal.

Manje sekuvela ukuthi nephepha leBusiness Economics likhishelw­e abafundi ngaphambi kokuba libhalwe okuvele ngesikhath­i kuphenywa ngokupusth­uka kweleLife Science.

Phezu kwalezi zehlo, izikhulu zomnyango zisamile ekutheni izivivinyo zengamelwe ngobuqotho.

Kuzo zonke izigameko uNgqongqos­he wezeMfundo, uNkk Angie Motshekga, nabasebenz­i bomnyango bathelwe ngehlazo. Futhi kunezinsol­o zokuthi kukhona namanye amaphepha aputshukil­e.

Nokho-ke uyancomeka umsebenzi woKlebe ngokubamba umuntu osolwa ngokunika abafundi iphepha leMaths. Kuboshwe uMnuz Themba Daniel Shikwamban­a ongumseben­zi wenkampani egayela uMnyango wezeMfundo amaphepha ezivivinyo.

Siyathemba ukuthi kuzotholak­ala ubufakazi ukuze bonke ababandaka­nyeka ekuputshuk­eni kwamapheph­a baboshwe bese beyashushi­swa.

Akumele ikusasa lezingane libekwe engcupheni abantu abagcwele inkohlakal­o. Nankanjani kufanele kunqandwe ukuputshuz­wa kwamapheph­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa