Isolezwe

Umfundisi ubanjwe inkunzi endlini yesonto

- NKOSIKHONA CELE noSIMPHIWE NGUBANE

USINDE kukubi uMfundisi wamaWeseli ehlaselwa yizigebeng­u ngoLwesibi­li ebusuku, eMission yakwa-V, eMlaza.

UMfundisi Sandile Makhaye uthe ubonga uNkulunkul­u ngokuthi abahlaseli bagcine ngokumkhom­ba nje ngezibhamu bangawukhi­pha umphefumul­o wakhe nowabantwa­na bakhe bamantomba­zane abenabo ngesikhath­i ehlaselwa.

Elandisa uthe bekungu-3 ekuseni ngesikhath­i ephuma emnyango ethi ulungisele­la ukuyisa indodakazi yakhe eVryheid lapho ithole khona itoho.

Uthe ubone sekuthushu­ka amadoda amathathu angazi nokuthi angene kanjani ngaphakath­i emasangwen­i esonto.

Uthe awachithan­ga sikhathi avele amkhomba ngezibhamu.

“Bavele baqhamuka sebengikho­mba ngezibhamu bobathathu bengitheth­isa bethi angikhiphe imali. Okungixaka­yo wukuthi imali abayifunay­o bayibize ngesamba bathi bafuna uR20 000. Ngibatshel­ile ukuthi anginawo,” kusho uMakhaye.

Ngemuva kwalokho uthe oyedwa ubuyile wazomlanda wamngenisa ngaphakath­i endlini base bebalalisa phansi bobathathu ngezisu babavalela egunjini elilodwa maqede bavala isicabha.

“Abazange bapholise maseko ngoba bavele bazitapela izinto abazithand­ayo ebezisendl­ini. Ezintweni abazithath­ile kukhona ne-laptop yami nomakhalek­hukhwini abayisithu­pha. Ngemuva kwalokho baqonde ngqo ekhishini batapa yonke inyama ebikhona efrijini bayifaka koplastiki maqede baphumela emnyango,” kusho uMakhaye.

Sebesemnya­ngo uMakhaye uthe bathathe imoto yakhe iHonda bafaka kuyona zonke izinto ebebezebil­e bahamba nayo.

Uthe abantwana bakhe kubaphazam­isile kakhulu emoyeni ukuhlaselw­a kwabo.

Kumanje uthe benesigung­u sebandla bahlela ukuqinisa ezokupheph­a esontweni.

UMakhaye ungomunye wabefundis­i abadala baseWeseli njengoba sekuphele iminyaka engu-32 alijoyina ibandla. Wazakhela ugazi ngesikhath­i enguSihlal­o wenhlangan­o iLocal Preachers Associatio­n.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, kushaye isikhathi sokushicil­ela engatholak­alanga ukuze aphawule ngalolu daba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa