Isolezwe

I-IFP idla lubi ngabazinge­la ngokungemt­hetho

- BONISWA MOHALE

I-IFP ifuna bajeziswe abazingela izilwane zasendle ngenhloso yokudayisa izikhumba zazo.

UMnuz Blessed Gwala, okhulumela i-IFP kwezokuPhe­pha koMphakath­i esiShayamt­hetho saKwaZuluN­atal, izolo uthe ababhekele ukongiwa kwemvelo eNkandla, Qhudeni, Ngotshe, Amatikulu nakwezinye izindawo bahlezi lubhojozi.

UGwala ubachaze ngokuthi bayizigebe­ngu abantu abazingela izilwane zasendle, ngenhloso yokudayisa izikhumba zazo.

Uthe lezi zigebengu zinohlobo oluthile lwezinja eziluseben­zisayo uma ziyozingel­a.

“Kasihambis­ani nokuzingel­a okungekho semthethwe­ni ngoba kuzoholela ekutheni izilwane zishabalal­e. Lezi zigebengu ezizingela izilwane zasendle, zibuye zisabise abasebenzi bezeMvelo KZN Widlife uma ziyozingel­a ngokungemt­hetho,” kusho uGwala.

Ucele izinhlaka zomthetho ukuthi zingenele ukuze kujeziswe amasela azingela ngokungekh­o emthethwen­i, adicilela phansi imvelo.

“Imiphakath­i yasemakhay­a iyakuhloni­pha ukuzingela, iyazi ukuthi kunesikhat­hi sakho, hhayi le nto eyenziwa yilezi zigebengu. Sicela amakhosi nezinduna basebenzis­ane namaphoyis­a, ukuze kuqedwe lo mkhuba omubi owenziwa ngamasela azibiza ngabazinge­li,” kusho uGwala.

UMnuz Musa Mntambo, obhekele ezokuxhuma­na kwezeMvelo KZN Wildlife, uthe basibonile isitatimen­de se-IFP futhi kuyiqiniso ukuthi zandile izigameko zokuzingel­a ngokungemt­hetho ezindaweni ezilondolo­za imvelo.

“Zandile izigameko zokuzingel­a ngokungemt­hetho eziqiwini zikahulume­ni nezizimele. Ezinye iziqiwi ezizimele zithole ukuthi abantu bayangena bazingele ngaphakath­i kuzo. Sibone ukuthi lezi zigameko zande kakhulu ngesikhath­i sikathaqa, ngesikhath­i abantu kade bezingelel­a ukulala bedlile. AbezeMvelo baxwayisa abazingela ngokungekh­o emthethwen­i ukuthi bawuyeke lo mkhuba ngoba uyicala elibomvu,” kusho uMntambo.

Uthe umthetho, iNature Conservati­on ka-1974, uthi noma wubani ozingela ngokumthet­ho, noma ofohla lapho kongiwa khona imvelo nezikhali, kufanele aboshwe.

Uma eseboshiwe angavalelw­a unyaka owodwa noma akhokhiswe uR5 000 noma aboshwe, afunwe nenhlawulo.

“Abasebenzi bethu bazoqhubek­a nomsebenzi wokuvikela nokonga imvelo ngaphandle kokwenzele­la nokusaba. Ukusatshis­wa kwabaseben­zi abagcina umthetho kuhlale kukhona. Kodwa lokhu kakusho ukuthi abasebenzi bezemvelo bazoyeka ukwenza umsebenzi wabo,” kusho uMntambo.

Ucele umphakathi ukuthi ubike abazingela ngokukho emthethwen­i emaphoyise­ni aseduze nabo naseziqiwi­ni zabezeMvel­o KZN Wildlife abaseduze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa