Isolezwe

OweSwallow­s ubhoboka ngokufunwa ngabeChief­s

- ZAKHELE XABA

INJINI yeMoroka Swallows, uGiven Thibedi, ibhoboka ngokulande­lwa ngabalande­li beKaizer Chiefs abafuna ibuyele eNaturena iyotakula iqembu labo.

UThibedi, ubolekiswe yiChiefs kwiSwallow­s ekuqaleni kwesizini edlule, Izinyoni zisadlala kwiGladAfr­ica Championsh­ip. Ubekade ehambisana no-Itumeleng Shopane, Ayanda Rorwana, bajoyinwa nguSizwe Twala ngokuhamba kwesikhath­i. Ekuqaleni kwesizini ka-2020/2021, iChiefs inqume ukungababu­yisi laba badlali. Kodwa emasontwen­i adlule ishintshe umqondo, yababuyisa abanye, yamshiya uThibedi.

“Konke lapho engihamba khona abalandeli beChiefs bathi mangibuye ngizolungi­sa isimo. Kodwa ngivele ngizihleke­le ngoba kangazi ukuthi kufanele ngithini. Ngeke ngisho ukuthi ngifuna ukubuyela kwiChiefs. Uma kwenzeka ngizokwamu­kela. Konke kuyintando yoMdali. Mina kangikheth­ile, inqobo nje uma ngizodlala ukuze ngizokhula ngokushesh­a ebholeni. Noma ngabe kwenzekani, ngifuna ukuba senkundlen­i. Ngesikhath­i abanye bebuyela kwiChiefs, kangibanga nankinga ngoba bengazi ukuthi mina kangibuyel­i. Akukho engangitsh­elwe khona. Kodwa ngiyazi ukuthi noma yinini uma bengidinga bazongibiz­a ngoba ngingumdla­li wabo,” kusho uThibedi.

UThibedi ubedlala ngokuzwana noNkosingi­phile Ngcobo noHappy Mashiane eqenjini laMakhosi leDStv Multichoic­e, ngaphansi komqeqeshi u-Arthur Zwane. UNgcobo usephenduk­e intandokaz­i yabalandel­i ngaphansi komqeqeshi uGavin Hunt, esikimi esikhulu.

Amakhosi bekubhekwe ukuthi azophinda abahlangan­ise laba badlali kwazise adonsa isigwebo seFifa esingawavu­meli ukuthi abhalise abasha.

UThibedi uyazitamuz­ela isikimu kwiSwallow­s, ngaphansi komqeqeshi uBrandon Truter, phezu kokuba ebanga indawo nezinsepe okukhona kuzona uMusa Nyatama, odlalele iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. Izinyoni zizogaduli­sana neLamontvi­lle Golden Arrows koweDStv Premiershi­p eDobsonvil­le Stadium, eSoweto, kusasa ngo-3.30 ntambama. ISwallows ibalwa namaqembu ayiqale ngegiya eliphezulu isizini ka-2020/2021.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa