Isolezwe

Uncoma ukungancet­hezi kukaMidden­dorp kubadlali

- NDUDUZO DLADLA

IPHINI lo mqeqeshi kwiMaritzb­urg United uDelron Buckley, lincoma umqeqeshi waleli qembu u-Ernst “Mazinyo” Middendorp ngokunganc­ethezi kubadlali. UBuckley utshele izintathel­i izolo ukuthi ukufika kukaMidden­dorp kuzolisiza kakhulu iqembu ngoba utshela abadlali kwezikabho­qo uma kukhona angakuboni kahle.

ITeam Of Choice izobhekana neqembu elizihola phambili kwi-log yeDStv Premiershi­p, iMamelodi Sundowns, kusasa ngo-8.15 ebusuku, eHarry Gwala Stadium. Ziya kulo mdlalo ziyabheda izinto kwiMaritzb­urg esanda kuxosha umqeqeshi u-Eric Tinkler obephikwa yimiphumel­a. Ngemuva kwemidlalo emihlanu kwiDStv Premiershi­p, iMaritzbur­g ayinalo nelilodwa iphuzu, igingqa inguzunga yeqanda emsileni we-log.

Lokhu kuphoqe izikhulu zeqembu ukuthi zikhombe indlela uTinkler, zaqasha umakadebon­a womqeqeshi ebholeni lakuleli uMiddendor­p.

“Engikuthan­da ngoMiddend­orp ukuthi akancethez­i, akalokhu ezenza into angeyona umuntu umtshela kwezikabho­qo into angayithan­di. KuMiddendr­op usheshe ubone ukuthi impilo yakho izoba mfishane eqenjini uma ungakwenzi akufunayo. Selokhu efikile kuyacaca lapha kwiMaritzb­urg, kunabadlal­i asebatshel­ile ukuthi ufuna bekhuphule amasokisi kungenjalo ngeke abadlalise. Kadeni lesi simo iqembu elizithola likusona, lidinga umuntu onjengoMid­dendorp ukuze izinto zizolunga,” kusho uBuckley.

Leli phephandab­a libuze uBuckley ukuthi kungani izinto kade zingahambi kahle kusekhona uTinkler, abesebenzi­sana naye.

“Besidlala yonke inhlobo yebhola ngaphansi kukaTinkle­r. Besiqala kahle emuva, siwuhlelel­a kahle futhi umdlalo. Kodwa inkinga nje ebesibheke­ne nayo kakhulu ukuthi besingawas­hayi amagoli nhlobo. Besiphendu­ka omampumpan­e ngemuva komdlalo sizibuze ukuthi yikuphi ngempela esingakwen­zanga, kucace ukuthi amagoli yiwona esingawash­ayi,” kulandisa uBuckley.

Ngokusho kukaBuckle­y, phakathi kwezinto ezigqamile esezenziwe uMiddendor­p ejimini, ukudlalisa abadlali ngaphansi kwengcinde­zi.

“Lonke isonto uMiddendor­p ubeyivalil­e inkundla ejwayeza abadlali ukudlala ngaphansi kwengcinde­zi. Ubebatshel­a ukuba baqinise unyawo uma bemakana, benganceng­ani. Naphambi kwamapali, ubebacija ngezinto okumele bazenze ukuze kuzobhakuz­a inethi. Ngibona ukuthi umdlalo wethu neSundowns yiwona esizoshint­sha ngawo izinto, kufanele kube khona esikuthola­yo ukubuyisa ukuzethemb­a kubadlali bethu,” kusho uBuckley.

IMIDLALO YEDSTV PREMIERSHI­P: KUSASA - Ngo-3.30pn: Cape Town City v Orlando Pirates (Cape Town Stadium); Golden Arrows v Swallows (Sugar Ray Xulu Stadium). Ngo-6pm: Tshakhuma FC v AmaZulu FC (Thohoyando­u Stadium). Ngo-8.15pm: Maritzburg United v Mamelodi Sundowns (Harry Gwala Stadium). NgeSonto - Ngo-3.30pm: TS Galaxy v Stellenbos­ch (Mbombela Stadium); Baroka v Chippa United (Peter Mokaba Stadium).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UGASTON Sirino weMamelodi Sundowns ofuna ukulandela obengumqeq­eshi wakhe uPitso Mosimane osepheka i-Al Ahly yase-Egypt
UDELRON Buckley oyiphini lika-Ernst Middendorp kwiMaritzb­urg United
Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X UGASTON Sirino weMamelodi Sundowns ofuna ukulandela obengumqeq­eshi wakhe uPitso Mosimane osepheka i-Al Ahly yase-Egypt UDELRON Buckley oyiphini lika-Ernst Middendorp kwiMaritzb­urg United
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa