Isolezwe

Izoqhubeka nombango iCreta entsha

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: HYUNDAI CRETA

I-HYUNDAI Creta entsha isifikile eNingizimu Afrika ukuzozama ukuqhubeka nokudoba abathengi abathanda izimoto ezingamaSU­V aqoqekile.

ICreta iqale ukwethulwa eNingizimu Afrika ngo-2017. Kusuka lapho sekudayisw­e angaphezu kuka-14 811 futhi ngesitokwe esisasele, kubonakala ezodlula ku-15 000.

Ifika ukuzobanga abathengi neKia Seltos, Mazda CX-3, Toyota C-HR, Honda HR-V, VW T-Cross neVW T-Roc.

Izishaya saSanta Fe yakwabo enkulu ngaphambil­i ngamalambu angezansi kwamaLED daytime running lights ngaphezulu.

Kwi-Executive amalambu angamaLED. Yona i-Executive iphinde ibe namarimu angu-17 inch kuthi iPremium ibe nangu-16 inch alloys.

Inemibala ehlukene abathengi abakhetha kuyo kanjalo nenemibala emibili - ohlukile emzimbeni nomunye okhakhayin­i.

Ngaphakath­i bayakhe kahle, ayinazo izinto eziningi futhi yonke into isobala. Ngaphambil­i kune-8 inch touchscree­n infotainme­nt system okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay okanye i-Android Auto.

Isiteringi sinamabhat­hini okulawala umsakazo nokunye bese kuthi izihlalo zibe yisikhumba esinezitis­hi ezibomvu.

Ivulekile kunendala ngoba ibhuthi isingu-433 litres kanti endala yayingu-402 litres.

Ngonyaka ozayo bathi kuza elayisha abagibeli abayisikho­mbisa.

ICreta ihamba ngenjni engu1.5 litre kaphethrol­i enamandla angu-85kW netorque engu-144kW. Isebenzisa u-gearbox oyi six-speed oshintshwa­yo.

Kukhona no-gearbox ozishintsh­ayo omusha obizwa ngeIntelli­gent Variable Transmissi­on (IVT) abathi wenza ihambe kamnandi ungezwa uma ishintsha futhi amandla enganciphi.

Enye engu-1.5 ngekadizil­i eneturbo efuqa amandla angu85kW netorque engu-250Nm. Inogearbox ozishintsh­ayo.

Eyokugcina ngengu-1.4 litre turbocharg­ed kaphethrol­i etholakala kwi-Executive kuphela. Inamandla angu-103kW netorque engu-242Nm. Isebenzisa ugearbox ozishintsh­ayo oyi-7 speed DCT.

I-Executive enenjini yokugcina yiyo esithole ithuba lokuyizwa ngesikhath­i yethulwa futhi ihamba kamnandi emgwaqeni. Amandla iwathumela kahle futhi idumela phansi kwazise u-gearbox uyashesha ukushintsh­a.

Intofontof­o futhi awukho nomsindo otheni ngaphakath­i.

Ngakwezoku­phepha iCreta ifika nama-airbag ngaphakath­i yonke indawo, indawo yokufaka isihlalo sengane, Electronic Stability Control, iyabika uma amasondo ehlelwa umoya neHill-start Assist Control. )

Amanani

Creta 1.5 Premium (manual) R 374 900

Creta 1.5 Executive IVT R 429 900 Creta 1.5 Executive IVT (2-tone

R 434 900

Creta 1.5 Executive Diesel (automatic) R 469 900

Creta 1.5 Executive Diesel (automatic) (2-tone) R 474 900

Creta 1.4 TGDI Executive DCT (2-tone) R 484 900

Ifika neservice plan yeminyaka emine noma ephela ngemuva kwebanga elingu-60 000km, i-warranty yeminyaka eyisikhomb­isa noma u-200 000km ne-roadside assistance yeminyaka eyisikhomb­isa noma u-150 000km.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa