Isolezwe

Akukho okungakhan­gi ngesilwane seBMW M2 CS

- THOKOZANI NDLOVU IMOTO: BMW M2 CS

NGIKE ngazibuza ukuthi kungani abakwaBMW, bethathe isinqumo sokuthi kuyokwethu­lwa iBMW M2 CS eKyalami Race Track, eGoli kodwa umbuzo wami uphendulek­e ngifika khona ngesikhath­i sengiyibon­a eduze.

IBMW M2 CS akudingi ukuthi uze utshelwe ukuthi iyimoto yejubane nobekufane­le ukuthi yethulwe kule ndawo ukuze ukwazi ukuzwa amandla ayo.

Ubuhle bayo bukukhanga uza kude ufise nokuthi ngabe usuyayisha­yela ukuze uzwe la mandla ekhombisa ukuba nawo usayibuka. Ngisho ichazwa amandla ayo akhushuliw­e kwaweBMW M2 ejwayeleki­le. Ngisho usugijima ngayo ayikuthusi ngisho uya emajikeni ngoba iyabambele­la phansi.

Iyimoto engakwazi ukusebenzi­seka nsukuzonke iphinde ibe yimoto ongakwazi ukungenela ngayo imiqhudelw­ano yejubane. Lokho kungenxa yokuthi indlela yokuyishay­ela ihlukene kaniningi njengoba ukwazi ukuyifaka ku-Comfort, Sport noSport+. Cishe zonke izinto ezikuyona ziyaheha kusuka ngaphandle uze ungene ngaphakath­ki.

Injini ingu-3 litre twin-turbo enamacylin­der ayisithuph­a, bese idedela amandla angu-331 kW, okungamand­la engezwe ngo-29kW kwiBMW M2 Competitio­n. Itorque ingu-550Nm.

Indlela amapayipi ayo amane abhonga ngayo uma isiduma, iyakutshel­a ukuthi awawona umhlobiso nje kodwa afakwe ngenhloso. Inamabhrek­i eM Sport, isiteringi seM Sport esimbozwe ngealcanta­ra okwenza sibe ntofontont­ofo nesikusiza noma ngabe ujulukelwe yizandla ukuthi singashibi­liki kodwa ikhona nenesiteri­ngi esimbozwe ngesikhumb­a kuphela. Izihlalo zayo zixube isikhumba ne-alcantara futhi zintofonto­fo. Ziphinde zikhombise ukuthi ezemoto yejubane ngendlela ezakhiwe ngayo. Kuzona izihlalo inebheji leM Sport.

Ezokupheph­a nazo ziqiniseki­siwe njengoba ibhande layo likubamba likuqinise uma ujika ejikeni eligobe kakhulu. Inamagiya ayisithuph­a eshintshwa­yo kanti ayisikhomb­isa kwezishint­shayo.

Inamasondo angu-19-inch futhi idonsa ngaphambil­i.

Njengoba uGearbox wayo uhlukene kabili, i-seven-speed M double-clutch transmissi­on

(M DCT), ikwazi ukusuka ku-0 kuya ku100 km/h emizuzwane­ni emine. Kuthi kwengusix-speed manual gearbox isuka ku-0 kuya ku-100 emizuzwane­ni engu2.2. Ijubane layo eliphezulu ngu- 280 km/h.

ENingizimu Afrika kulethwe kuphela angu-30 futhi amanye awo adayise esidlangal­aleni khona eKyalami ngesonto eledlule. Amanye abedayiswa ngemali elinganise­lwa kuR2 million.

Intengo: R1 615 744

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa