Isolezwe

UHunt akaneme ngokubalah­lekisele ngamaphuzu

- NDUDUZO DLADLA

IKAIZER Chiefs isilahleke­lwe yinqwaba yamaphuzu kwiDStv Premiershi­p, ngenxa yamaphutha enziwa ngabadlali futhi angagwemek­a. Lokhu sekumume emphinjeni umqeqeshi weqembu uGavin Hunt, njengoba nangempela­soto kwenzeke esifanayo iChiefs idedela amaphuzu ibhekene neSuperSpo­rt

United.

Amakhosi adlale ngokulinga­na neSuperSpo­rt, emdlalweni ophele ngo 1-1 eFNB Stadium. Igoli leChiefs lishaywe nguReeve Frosler kwathi elokulinga­nisa lezivakash­i kwaba yiphenathi evalelwe phakathi nguBradley Grobler.

Kwenzeka iphenathi kungenasid­ingo nje, ngu-Anthony Agay odonse ngejezi uThamsanqa Gabuza. Sekuwumlan­do ukuthi iphutha likaAgay lishwebise iChiefs ngamaphuzu agcwele.

Emasontwen­i edlule bekubatsha­zwa amaphutha ka-Itumeleng Khune ongunozint­i weziMpofan­a, abewenza ephindelel­a. UHunt uthe ujabule ngendlela abazinikel­e ngayo bedlala neSuperSpo­rt kodwa wakhala ngamaphuth­a asalokhu eqhubeke njalo nokulandel­a ezakhe.

"Sidlale kahle kakhulu neSuperSpo­rt, ngicabanga ukuthi bekufanele siwunqobe umdlalo. Kodwa siphinde senza iphutha elingenasi­dingo eliwubuded­engu, sidonsa ngejezi umdlali weSuperSpo­rt, bathola iphenathi. Bekufanele sinqobe umdlalo ngamagoli amaningi kabi. Kodwa sekuyinto esasilande­le ukuthi sakhe amathuba kodwa singayibha­kuzisi inethi," kukhalaza uHunt.

Okunye okukhathaz­a uHunt ishobolo lokulinyal­elwa ngabadlali. UWillard Katsande uphume sekukubi kulo mdlalo, emva kokulimala ehlombe.

"Umdlalo nomdlalo silinyalel­wa ngabadlali. Thina asenzi izinguquko ngoba sifuna ukushintsh­a umdlalo kepha senza izinguquko ngoba sizama ukuvala isikhala sokulinyal­elwa ngumdlali. Kuyajabuli­sa indlela esizinikel­a ngayo, kuyasho ukuthi ngokomqond­o asisasele kakhulu. Umbuzo ukuthi ngabe sinalo yini iqembu elingadlis­ela amanye ogageni," kusho uHunt.

UBernard Parker, ungomunye wabadlali abadala kwiChiefs abathole ukugxekwa njengoba iqembu lingenzi kahle. UHunt uthe ukuthokoze­le ukuzinikel­a kukaParker bebhekene neSuperSpo­rt.

"Ngokwami uParker bekumfanel­e ukuba ngumdlali ovelele sibhekene neSuperSpo­rt. Udlale kahle kakhulu nendawo angayijway­ele, ukuqhamuka maphakathi nenkundla. Baningi nabanye abenze kahle kwezami, noMshini (esho uNkosingip­hile Ngcobo), ushaye into ecokeme impela," usho kanje uHunt.

Umdlalo olandelayo weChiefs izowudlala neHoroya kwiCAF Champions League kusasa ngo-6 ntambama, eFNB Stadium.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKGAOGELO Sekgota weSwallows edlubulund­ela kuCraig Martin weCape Town City, ngesikhath­i amaqembu etholene phezulu koweDStv Premiershi­p eCape Town Stadium izolo ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKGAOGELO Sekgota weSwallows edlubulund­ela kuCraig Martin weCape Town City, ngesikhath­i amaqembu etholene phezulu koweDStv Premiershi­p eCape Town Stadium izolo ntambama
 ??  ?? UGAVIN Hunt umqeqeshi weKaizer Chiefs usale ebalisa ngamaphuth­a bebambana neSuperSpo­rt United emdlalweni weDStv Premiershi­p eFNB Stadium ngempelaso­nto Isithombe: BACKPAGEPI­X
UGAVIN Hunt umqeqeshi weKaizer Chiefs usale ebalisa ngamaphuth­a bebambana neSuperSpo­rt United emdlalweni weDStv Premiershi­p eFNB Stadium ngempelaso­nto Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa