Isolezwe

Usenkingen­i ngesikwele­tu somnyango

- FANELESIBO­NGE BENGU noSNE MASUKU

APHELILE amahlathi okucasha kumsakazi woKhozi FM uSipho "DJ Sgqemeza" Mbatha obese kuphele unyaka efunwa yisikhonzi senkantolo ngenxa yokukwelet­a kwakhe uMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal imali elinganise­lwa kuR400 000.

USgqemeza, owethula uhlelo lwasekusen­i phakathi nesonto kulesi siteshi, utholwe yisikhonzi emsebenzin­i izolo ekuseni wanikwa amasamanis­i ukuba awasayine.

Inhloko yalo mnyango uNtokozo Chonco, ithe udaba lusukela ku-2017 lapho kwenzeka khona iphutha uSgqemeza wakhokhelw­a imali engaphezu kwaleyo umnyango owawuzomni­ka yona.

Kuthiwa wakhokhelw­a uR4 million esikhundle­ni sikaR400 000, okwakuxhas­we ngawo umcimbi wakhe iCity to City Motivation Tour.

"Kwenzeka iphutha isisebenzi esiseyithw­asa sakhokha imali engaphezu kwaleyo okwakumele ayithole.

“Ngangingak­afiki nami emnyangwen­i ngoba ngaqala ngoNovemba 2017. Lingakaphe­li nesonto watshelwa ukuthi imali ingaphezu kwaleyo okumele ayithole wathi naye uyayibona," kusho uChonco.

Uthe wayibuyisa ingxenye yayo kwabe sekusayinw­a isivumelwa­no sokuthi esele uzoyikhokh­a kanjani.

Kuvela ukuthi wakhokha uR3 million, kwasala uR600 000 awukhokha kancane isikweletu sama kuR421 000.

"NgoMashi 2020 sibe sesithatha isinqumo sokuthi ngoba akasayikho­khi imali esele futhi asisamthol­i, sathi asimthumel­ele amasamanis­i ekhaya kodwa nakhona singamthol­i ngoba sengathi washintsha indawo yokuhlala.

“Sigcine sesithi akukho okunye esingakwen­za sizombheka emsebenzin­i.

“Utholakele namhlanje (izolo) wasayina khona. Imali esikhuluma ngayo lapha ilinganise­lwa kuR400 000."

UChonco uthe iphutha laba ngasemnyan­gweni ngokuthi isisebenzi sabo sifake "o-zero abangaphez­ulu".

"Amaphutha anjengalaw­a akuwona ajwayeleki­le kodwa akuyona into ongeke uyilindele ukuthi ingenzeka. Nakweminye iminyango kuyenzeka.

“Isisebenzi esenza lelo phutha sesaqondis­wa ubugwegwe ngokomnyan­go sathola incwadi yesexwayis­o ngoba kwakungoko­kuqala."

Kuthiwa ngesikhath­i isikhonzi senkantolo nommeli womnyango bezama ukusayinis­a uSgqemeza amasamanis­i, onogada bazamile ukubavimba kodwa kwaze kwangenela abaphathi wagcina ewasayinil­e.

Ethintwa uSgqemeza uphikile ukuthi uthole amasamanis­i.

Uphike nokuthi wakhokhelw­a imali enguR4 million esikhundle­ni sikaR400 000.

Uchithe nokuthi ukweleta lo mnyango uR421 000.

Kuthiwa uzovela enkantolo maduze.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa