Isolezwe

UVusi Kunene uzolingisa emdlalweni we-e.tv

- FANELESIBO­NGE BENGU

ABALANDELI benkakha yomlingisi uVusi Kunene ebigcina ukubonakal­a kwiGenerat­ions: The Legacy ngoLwesith­athu, bazokhala babuye nganeno njengoba iqopha nomdlalo omusha wakwi-e.tv.

UVusi, obedlala indawo kaJack Mabaso kwiGenerat­ions: The Legacy ekhonjiswa ngo-8 ebusuku phakathi nesonto kwSABC1, ubegcina ukubonakal­a kulo mdlalo emuva "kokubulawa".

UJack kuthe ehleli endlini nomfowabo uSiyanda (Kay Sibiya) nendodakaz­i uSphe

(Pearl Monama), kwangena amadoda aseRussia abakhomba ngezibhamu, ababopha abavala amehlo nomlomo.

Aphumele noJack ngaphandle okuyilapho afike ambulalela khona ngokumqoba ngesaha maqede isidumbu sakhe asifaka emphongolw­eni.

Isidumbu sigcine singabonak­alanga futhi namaphoyis­a athe awasithola­nga.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a uVusi uzolingisa indawo ephambili emdlalweni omusha ozovala isikhala seRhythm City, iHouse of Zwide okuthiwa usuqalile ukuqoshwa.

Ethintwa izolo ekuseni akavumanga futhi akaphingak­a ukuthi uya kulo mdlalo.

"Ngicela ukuthola imvume kuqala angazi kungakanan­i okumele ngikusho nokungamel­e ngikusho," kusho uVusi ecela ukushayelw­a emuva kwemizuzu engu-20.

Uthe esethintwa ucingo wangabe esalubamba futhi nomyalezo athunyelel­we wona ugcine engawuphen­dulanga.

Esitatimen­deni esikhishwe yiyGenerat­ions: The Legacy, kuthiwe uVusi uhlaba ikhefu kulo mdlalo emuva kweminyaka emihlanu.

Kusona uthe uyazifela ngoJack futhi nguyena mlingiswa odume kunabo bonke kwaseke wabadlala.

"Ngizokhumb­ula wonke umuntu ngoba iGeneratio­ns ifana nomndeni."

KwiHouse of Zwide kuthiwa uzobe edlala phambili noJeffrey Sekele obedlala indawo kaBlade kwiSibaya kuMzansi Magic.

Imizamo yokuthola uJeffrey izolo ayiphumele­langa njengoba ucingo lwakhe belungaban­jwa futhi nomyalezo ugcine engawuphen­dulanga.

I-House of Zwide ikhiqizwa yiBomb Production. Umdidiyeli weBomb u-Angus Gibson ucingo lwakhe ubengaluba­mbi.

I-Rhythm City izogcina ukubonakal­a ngoJulayi 16.

Phambilini inhloko yemidlalo evutshelwe eNingizimu Afrika yakwa-e.tv uHelga Palmer, yathi okwamanje ngo-7 ebusuku basagxile kwiRhythm City kuze kufike isikhathi sokuphela kwayo.

"Siyabajabu­lela ababukeli ukuthi bazi ukuthi yini elandelayo kodwa isimemezel­o esisemthet­hweni ngokuthi yini ezongena esikhaleni seRhythm City, sizosenza ngokuhamba kwesikhath­i."

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa