Isolezwe

UZikalala uchaza ngomhlanga­no neSilo

- SABELO NSELE

UNDUNANKUL­U waKwaZuluN­atal, uMnuz Sihle Zikalala, ucacise ngomhlanga­no abe nawo izolo neSilo Samabandla onke, uMisuzulu kaZwelithi­ni, okulindele­ke ukuba maduze sigcotshwe ngokusemth­ethweni.

UZikalala uhlangane neSilo esigodlwen­i KwaKhangel­amankengan­e izolo. Bekungokok­uqala behlangana kusukela iSilo singene esihlalwen­i sobukhosi.

Ngokwendlu­nkulu, iSilo sivele sesihlezi esihlalwen­i, sekushoda ngasohlang­othini lukahulume­ni ukuba sethulwe ngokusemth­ethweni.

UZikalala uthe inhloso yomhlangan­o bekungukuy­oqinisa ubudlelwan­e phakathi kwehhovisi lakhe nendlunkul­u.

“SiyiHhovis­i likaNdunan­kulu, sisingatha izindaba zendlunkul­u iyonke, ngoba indlunkulu ingaphansi kwalo.

“Bekubalule­kile ukuthi sichaze ukuthi indlela esisebenzi­sana ngayo nendlunkul­u injani futhi imi kanjani. Sikwazile ukuvumelan­a ukuthi sizosebenz­isana kanjani ukuya phambili.”

Ebuzwa ngemigudu okufanele ilandelwe ngokugcots­hwa kweSilo, uthe indlunkulu kufanele ilethe amaminithi omhlangano okuqokwe kuwo iSilo kuqala.

“Ngeke siyixine indlunkulu ukuthi isinikeze amaminithi ngokushesh­a. Sizobalind­a baze baqede izinto zabo zangaphaka­thi. Uma sebeqedile, sizocubung­ula konke.

“Uma saneliseki­le ngakho konke siyobe sesithatha udaba siluyise kuNgqongqo­she wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma noMengamel­i Cyril Ramaphosa. Emva kwalokho iSilo siyobe sesigcotsh­wa ngokusemth­ethweni.”

UZikalala uthe uhulumeni waKwaZulu-Natal uzoqhubeka nokweseka indlunkulu.

Namhlanje, uZikalala uzokwethul­a isabelomal­i sehhovisi lakhe, nalapho ezoveza khona ukuthi yabiwe kanjani imali yesikhwama sasendlunk­ulu iRoyal Household Trust. Ngonyaka wemali owedlule, iRoyal Household Trust yabelwa imali engaphezu kukaR70 million.

UZikalala ubuye wachaza ngokudidek­a okwasuka ngesikhath­i kuvela amahlebezi athi sekuphume umyalelo othi kuhoxiswe amaphoyisa aqapha iSilo nezigodlo.

Uthe kwaba khona ukushayisa­na kokuxhuman­a emazingeni aphansi emaphoyise­ni. Echaza uZikalala, uthe kukhona uphiko lwamaphoyi­sa olwengeziw­e olwalukade lutshalwe okwesikhas­hana ukuba luqaphe iSilo. Uthe emazingeni aphansi emaphoyise­ni kwaba nokukhulum­a indaba yokuthi lolu phiko lushintshw­e.

“Leyo nto yayingakhu­lunywanga

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma

umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. nabaphathi. Bathi abaphathi bamaphoyis­a uma beyithola, babe sebekuphik­isa lokho. Ngikhuluma nje lawo maphoyisa akhona, njengoba nani nizibonela. Amaphoyisa akhona lapha, kawazange ahoxiswe. Akhona kuzona zonke izigodlo.”

Khonamanja­lo, uNdunankul­u kaZulu, uMntwana uMangosuth­u Buthelezi, uphinde wachaza ngengqikit­hi yomhlangan­o wamalungu asendlunku­lu namhlanje.

UButhelezi uthe inhloso yomhlangan­o wukukhumel­ana umlotha namalungu asendlunku­lu, uMntwana uThembi noMntwana uMbonisi, ayenombono owehlukile ngaphambi kokuthi kuqokwe iSilo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa