Isolezwe

Uphinde waqala phansi umkhankaso we-ivermectin

-

iqale umkhankaso wokunxusa uhulumeni ukuthi avumele ukusetshen­ziswa kwaleli khambi.

Inkantolo yasePitoli yakhipha isinqumo sokuthi udokotela angakwazi ukuliseben­zisa ikhambi uma ebona kunesiding­o.

I-Sahpra yaxegisa umgomo wokusetshe­nziswa kwalo khambi, yathi udokotela kusamele achaze ukuthi kungani efuna ukuliseben­zisa. Yathi uma isiguli siba nenkinga, udokotela nguyena okumele abhekane naleyo ndaba.

UMnuz Bernard Uys, okhulumela i-Afri-Forum, uthe odokotela bayangabaz­a ukusebenzi­sa leli khambi ngenxa yokuthi besaba ukuthi uma kwenzeka iziguli ziba nenkinga, yibo okumele babhekane nayo.

"Sifuna ukuthi iSahpra igunyaze ukuthi leli khambi lisetshenz­iswe njengamany­e amakhambi okwelashwa ngawo leli gciwane, kungabi khona imibandela ngoba lokho kwenza ukuthi odokotela besabe ukuliseben­zisa,” kusho u-Uys.

Uthe liyikhambi elisetshen­ziswa e-India futhi lenze umehluko lasiza ekutheni lehle izinga labantu ababulalwa yiCovid-19.

USolwazi Jerry Mphahlele, weSouth African Medical Research Council (SAMRC), uthe okwamanje kabukho ubufakazi bocwaningo oluveza ukuthi leli khambi liyasebenz­a, ngakho kakulula ukuligunya­za.

UDkt Peter Oberem we-AfriVet, uthe kunokudide­ka ngaleli khambi. Abaningi bazitshela ukuthi abantu belashwa ngekhambi lezilwane ekubeni kakunjalo, likhona elenzelwe ukwelapha abantu uma benezifo ezidalwa yizilwane, okungaba yizikelemu noma umbandamu. Kodwa udokotela wubefaka isicelo kwiSahpra.

"Lo muthi uyasebenza ekwelaphen­i abantu abancinzwe yizinambuz­ane, baba ne-elephantis­is. Kuyavela ukuthi liyazelaph­a izifo ezidalwa ngamagciwa­ne kodwa akukho okubhalwe phansi ngalokho. I-Covid-19 iyisifo esidalwa ngamagciwa­ne futhi bukhona ukufakazi bokuthi leli khambi liyasiza ekuyelaphe­ni. Ngokubona kwami, ngenxa yesimo esiphoqayo esibhekene naso, kumele igunyazwe," kusho u-Oberem.

I-Sahpra kayikasho lutho ngalesi siphakamis­o sakamuva.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa