Unqume indodana wase ezilengisa
KUSHAQEKE umphakathi waseMlaza kwa-CC, ngesenzo sowesilisa okuthiwa unqume indodana eneminyaka engu-10, kuhle kwembuzi wase eyazikhunga.
Kuthiwa uMnuz Sibusiso Ndwalane, ubehlala nomfana wakhe uSamkelo kodwa ayaziwa imbangela yokufa kwabo.
Izidumbu zitholakale izolo ekuseni. Kudingeke ukuthi kuqaqwe uphahla lwendlu, kwangenwa ngalo ukuze kuvulwe umnyango obukhiywe ngaphakathi. Kusolakala ukuthi le ndoda izikhunge ngoLwesibili ebusuku.
Bese kunephungana elingelihle endlini enamagumbi amabili nebivalwe thaqa. UNdwalane ubegqoke isikhindi elenga ngentambo engene yasithela entanyeni, eseqala ukubucuka kuhle komuntu oshile, emila namapanyaza emzimbeni obusuqumbile.
Kuthiwa uSamkelo ubefunda eSiphingo
Primary, kanti utholakale elele ngohlangothi embhedeni enqunywe uqhoqhoqho. Omakhelwane abebelakanyana beyo khuza lo mhlola kule ndlu ebivalwe amawindi namakhethini, bebefike balunguze babuye sekwehla izinyembezi abanye bebabaza isihluku abasibonile.
Abantu okukhulunywe nabo, bacela ukungadalulwa amagama abo ephephandabeni bathe umufi ungowokudabuka eNkandla, kepha wakhulela kule ndawo. Bathi ubethandana nomama wengane onguthisha eHarding. Bathe umufi ubengabhemi engaphuzi futhi engumuntu okhululekile othulayo.
"Izigameko ezinjena sigcina ngokufunda ngazo emaphephandabeni besingazi ukuthi sizokwenzeka eduze kwethu. Isishaqile, sadumala le nto eyenzeke singazelele.
Umufi ubungeke umcabangele into efana nalena," kusho ilungu lomphakathi.
Amaphoyisa nalawo angabaphenyi bendawo yesahlakalo abeqoqa ubufakazi ehloma ngemibuzo omakhelwane ethatha izitatimende. Kuze kwafika imoto kahulumeni ethatha izidumbu yahamba nazo ntambama, zingakafiki izihlobo zikamufi ebezilindiwe okuthiwa zisuka eNkandla
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele uthe umbiko ngalesi sigameko ubungakafiki kuwo kodwa uzobuyela entathelini uma sebewutholile umbiko.