Isolezwe

Unqume indodana wase ezilengisa

- SIMPHIWE NGUBANE

KUSHAQEKE umphakathi waseMlaza kwa-CC, ngesenzo sowesilisa okuthiwa unqume indodana eneminyaka engu-10, kuhle kwembuzi wase eyazikhung­a.

Kuthiwa uMnuz Sibusiso Ndwalane, ubehlala nomfana wakhe uSamkelo kodwa ayaziwa imbangela yokufa kwabo.

Izidumbu zitholakal­e izolo ekuseni. Kudingeke ukuthi kuqaqwe uphahla lwendlu, kwangenwa ngalo ukuze kuvulwe umnyango obukhiywe ngaphakath­i. Kusolakala ukuthi le ndoda izikhunge ngoLwesibi­li ebusuku.

Bese kunephunga­na elingelihl­e endlini enamagumbi amabili nebivalwe thaqa. UNdwalane ubegqoke isikhindi elenga ngentambo engene yasithela entanyeni, eseqala ukubucuka kuhle komuntu oshile, emila namapanyaz­a emzimbeni obusuqumbi­le.

Kuthiwa uSamkelo ubefunda eSiphingo

Primary, kanti utholakale elele ngohlangot­hi embhedeni enqunywe uqhoqhoqho. Omakhelwan­e abebelakan­yana beyo khuza lo mhlola kule ndlu ebivalwe amawindi namakhethi­ni, bebefike balunguze babuye sekwehla izinyembez­i abanye bebabaza isihluku abasibonil­e.

Abantu okukhuluny­we nabo, bacela ukungadalu­lwa amagama abo ephephanda­beni bathe umufi ungowokuda­buka eNkandla, kepha wakhulela kule ndawo. Bathi ubethandan­a nomama wengane onguthisha eHarding. Bathe umufi ubengabhem­i engaphuzi futhi engumuntu okhululeki­le othulayo.

"Izigameko ezinjena sigcina ngokufunda ngazo emaphephan­dabeni besingazi ukuthi sizokwenze­ka eduze kwethu. Isishaqile, sadumala le nto eyenzeke singazelel­e.

Umufi ubungeke umcabangel­e into efana nalena," kusho ilungu lomphakath­i.

Amaphoyisa nalawo angabaphen­yi bendawo yesahlakal­o abeqoqa ubufakazi ehloma ngemibuzo omakhelwan­e ethatha izitatimen­de. Kuze kwafika imoto kahulumeni ethatha izidumbu yahamba nazo ntambama, zingakafik­i izihlobo zikamufi ebezilindi­we okuthiwa zisuka eNkandla

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele uthe umbiko ngalesi sigameko ubungakafi­ki kuwo kodwa uzobuyela entathelin­i uma sebewuthol­ile umbiko.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa