Isolezwe

Kuxwayiswa ngesivuvu sesithathu seCovid-19

-

"Sisebenzis­a ubuchwephe­she obuhlola ukuthi ngabe leli gciwane lizishints­ha kanjani, ukuze sisheshe sibone uma selizishin­tshile. Imiphakath­i yethu siyakhulum­a nayo siyeluleke ngezinto okumele izigweme ukuze sinqande ukusabalal­a ngesivinin­i kwaleli gciwane."

"Izibalo zezinsuku ezingu-14 zikhomba ukuthi izibalo zabahaqwe yileli gciwane zenyuke zisuka ku-17 017 zafinyelel­a ku-21 124, okusho ukuthi ngamasonto amabili izibalo zenyuke ngo24%," kusho yena.

Uthe kuzo zonke izifundazw­e izibalo zenyukile kodwa izifundazw­e ezihamba phambili yiNorthen Cape, khona zenyuke ngo-68% ezinsukwin­i eziyisikho­mbisa, eGauteng zenyuke ngo-63%, eLimpopo ngo-47%, eNorth West zenyuke ngo-42% kuthi eWestern Cape zenyuke ngo39%.

Uthe izibalo zabantu ababulewe yizifo ezeyamanis­wa neCovid-19 zenyuke ngo-18.22% ngeledlule.

"Bangu-56 059 abasebenzi bezempilo imiphumela yokuhlolwa kwabo ekhomba ukuthi bahaqwe yileli gciwane, u-14% wabo kudingeke ukuthi ulaliswe ezibhedlel­a, bangu-83 abasalalis­we ezibhedlel­a," kusho uMkhize.

Ethula isabelo sika-R62.5 billion salo nyaka wezimali, uMkhize uthe bangaphezu­lu kuka-400 000 abasebenzi bezempilo asebegomel­e iCovid-19.

Usho lokhu nje umnyango wakhe uthole ukugxekwa izolo ngokungahl­eleki kohlelo lokugoma njengoba abasebenzi bezempilo bebethi babuyiselw­a emuva sebefikile ezibhedlel­a abebethole izimemo zokuthi bayogoma kuzo.

E-Charlotte Maxeke, eGauteng, naseNetcar­e St Augustines abezempilo bebeme olayini abade belinde ukugoma, bebengatsh­elwanga ukuthi bazogoma ngasikhath­i sini okuholele ekutheni kube nolayini omude nokushoda kwemigomo.

INehawu iwugxekile umnyango ngokungahl­eleki kwalolu hlelo, yathi bekungamel­e umemezele ukuqala kwesigaba sesibili sokugoma ekubeni ungakakulu­ngeli ukusiqala.

UNksz Phumla Williams, okhulumela uhulumeni, uthe uhulumeni kulesi sigaba ubambisene nezinhlaka eziningi ngakho ukulungele ukusiqala lesi sigaba okuzobe kunezikhun­go ezingu-3 000 zokugoma.

USolwazi Jerry Mphahlele weSouth African Medical Research Council, obuye abe yilungu lekomiti eleluleka ongqongqos­he abebhekele iCorona kuleli, uthe ayikho indlela yokugwema isivuvu sesithathu kodwa umphakathi ungakwazi ukwenza izaba zokuthi singashesh­i sifike ngokulande­la imigomo ebekiwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa