Isolezwe

Bafuna kungenele imeya ngenkinga yendawo yokulothis­a

- BONISWA MOHALE

ABANGCWABI bafuna kungenele iMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda ezinkingen­i zendawo yokulothis­a iMobeni Heights Crematoriu­m ebivalwe ngenxa yokushodel­wa yigesi yokulothis­a.

UMnuz Muzi Hlengwa onguMengam­eli weNational Funeral Practition­ers Associatio­n of South Africa (Nafupa SA), uthe bazocela umhlangano noKaunda ukuze kulungiswe indaba yaseMobeni Crematoriu­m.

“Kufanele sibe nesivumelw­ano nemeya sokuthi zizolungis­wa kanjani izinkinga zaseMobeni Crematoriu­m ngoba kulokhu akufanga lutho kodwa bekushoda igesi kwase kuma ukulothisa. Lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi abaphethe le ndawo bahlulwa wumsebenzi. Ngeke ulinde kuphele igesi oyisebenzi­sa njalo uma ulothisa ngaphambi kokuyi-oda. Kufanele ukuthi uyayibona ukuthi isincane bese wenza izinhlelo zokuyithen­ga. Sifuna kungenele imeya ngoba kukhona abahlupha umphakathi ngamabomu,” kusho uHlengwa.

Uthe kuyishwa ukuthi umasipala ugqugquzel­a abantu ukuthi basebenzis­e izindlela ezihlukene zokungcwab­a okubalwa ukulothisa kodwa indawo yakhe ihlale ingasebenz­i.

Phambilini iMobeni Crematoriu­m ibivaliwe ngenxa yokufa kwensimbi esetshenzi­swa uma kulothiswa. Le nsimbi kuthiwa ithengwa phesheya kanti yalindwa isikhathi eside ingakafiki.

UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku, uthe bekunezing­qinamba ezincane ezidalwe wukuthi umasipala ubulothisa abantu abaningi ngenxa yeCovid-19 kwaze kwaphela igesi.

Uthe iMobeni Heights Crematoriu­m iqalile ukulothisa izolo.

Ubonge izakhamuzi ngokubekez­ela kwazo ngesikhath­i umasipala usalungisa inkinga yokushoda kwegesi.

Uxolisile ngokuphaza­miseka okudalekil­e wathi kababoni ukuthi kukhona okuzophaza­misa ukusebenza kwale ndawo ngomuso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa