Isolezwe

Ayazwakala amandla eGolf GTI TCR

- FANELESIBO­NGE BENGU

NGIYAZI ukuthi abaningi uma bebona uGTI balindele ukufunda ngeVW Golf 8 GTI kodwa ngebhadi ayikaqali ukudayisa yize isikhona eNingizimu Afrika.

AbakwaVolk­swagen eNingizimu Afrika bathi basalindel­e ukuthi kwande isitokwe ngoba ukukhiqizw­a kwayo kuphazamis­ekile ngenxa yezimo ezahlukene. Ngesikhath­i isalindiwe, iGolf 7 GTI ivaleliswe ngenothi eliphezulu ngokwethul­wa kweGTI TCR, osungayith­ola iyisekeni ngenxa yokuthi idayise yaphela kwazise kulethwe kuphela angu-300 eNingizimu Afrika.

Ngaphakath­i kwi-dashboard iqoshiwe ukuthi ngeyesinga­ki njengale ebesihamba ngayo yona okungeyoku­gcina ngci, ngoba ingeka-300. YiGolf 7 GTI oyaziyo kepha ishuniwe ukuze yehluke. Phakathi kwezinye zezinto ehluke ngazo wukuthi ifika iphelele akukho okumele ukwengeze njengeziny­e izimoto zakwaVW.

Izihlalo ngaphakath­i kungathi ziyisikosh­i zabe seziqoshwa GTI. Kune-compositio­n media radio okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-apple carplay okanye nge-bluetooth ukudlala umsakazo nokunye. Ine-active info display, panoramic sunroof, cruise control nama-sensor ngaphambil­i nangemuva.

Ngaphandle inamaLED headlights, amarimu angu-19 inch yabe isiqoshwa noTCR ezansi esicabheni sangemuva. Injini ingenye yezinto eziyenza yehluke kuneGolf GTI ejwayeleki­le ngenxa yokuthi inamandla engeziwe. Ingu-2.0 litre turbo kaphethrol­i kodwa ifuqa amandla angu-213 kW ne-torque engu-380Nm no-gearbox oyi-6 speed DSG. Isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwa­na engu-5.6 kanti ijubane elikhulu ngu-264km/h.

Ifika ne-adaptive chassis control eyenza ukuthi uyikhethe ukuthi ufuna ihambe kanjani. Amandla ayo ayezwakala ukuthi athe xaxa futhi amasondo anamathele emgwaqeni kanti nendlela ejika ngayo amakhona iseqophelw­eni eliphezulu yize bengingath­anda isiteringi sibe nesisindo. Iyaziwa iGTI ngokuba yiVrr Pha futhi nezinqawe ngemuva kule zikhipha lowo msindo.

IGolf GTI yintandoka­zi yemoto eNingizimu Afrika futhi uma iGolf 7 ivaleliswe ngeqophelo eliphezulu kanje, kusho ukuthi singalinde­la lukhulu kwiGolf 8 GTI.

Intengo

R687 200

Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa