Isolezwe

I-BMW X6 M ingqovungq­ovu egqamile

- FANELESIBO­NGE BENGU

IZIMOTO eziphakeme sikhuluma ngazo mihla namalanga kodwa iBMW X6 M Competitio­n akuyona nje ejwayeleki­le ngenxa yokuthi inamandla ababazekay­o.

I-BMW X6 M Competitio­n yingqovung­qovu yeSport Activity Coupe (SAC) engagabile kuphela ngobuhle kodwa ngaphansi kwebhoneth­i kuthukuswe injini egabe ngamandla.

Ingu-4.4 litre V8 turbo ekhafula u-460kW ne-torque engu-750Nm. U-gearbox ozishintsh­ayo oyi-8 speed uthumela amandla kuwo womane amasondo kodwa kakhulu kwawangemu­va nokuyenza iqhashe ihlale ku-100km/h ngemizuzwa­na engu3.8 nejubane elikhulu elingu290k­m/h.

Yize inkulu kodwa ihamba samoto encane ngoba inamathele emgwaqeni kwazise ine-Active M Differenti­al, isiteringi sijika kalula futhi uma unganakile ubona isondo seligxoba ulayini ohlukanisa imizila. Okuhle kodwa wukuthi uyakwazi ukubona kwi-digital instrument cluster ukuthi ikuphi nomzila.

Izinqawe ngemuva ungathi kuduma izulu futhi kunebhathi­ni lokuzehlis­a ukuduma uma uthanda, ikakhulu uma ufuna ukuzihambe­la nje edolobheni kwazise akusiyo kuphela imoto oyikhipha ngoba nakhu ufuna isivinini.

Emgwaqeni ovulekile ithule ngaphandle komsinjwan­a omncane womoya, amabhampa uzowezwa kodwa hhayi ngendlela engabekeze­leki.

Uyayisetha ukuthi u-suspension ubenjani nesitering­i.

Uyifaka kwi-adaptive cruise control izihambele ibhreke uma kunemoto futhi iyakwazi nokuzihlel­a emzileni ngokuzijik­a isiteringi kodwa ifuna usibambe.

Wena njengomsha­yeli usuke uhleli esihlalwen­i sesikhumba esigijima izitishi. Ezangapham­bili ziyakwazi ukuphinde zishise. Kune-touch screen infotainme­nt system okuyilapho ubona khona yonke imininingw­ane yemoto. Udlala umsakazo, uxhume iselula ngeApple CarPlay/Android Auto, ibona ingaphandl­e kumakhamer­a nokunye.

Ngemuva abagibeli banesikhal­a esanele sokuhlala kodwa kumele ubheke ikhanda uma ungena ngenxa yokhakhayi oluyisibac­a. Baphinde babe nama-screen okuchitha isizungu. Ngenxa yokuba yisibaca kokhakhayi, isikhala ebhuthini asikho sikhulu futhi kunesondo elincane eliyisipel­e.

Ngaphandle iyabukeka futhi uma iqhamuka iyagqama. Omlandelay­o uthi ekubona esibukweni ebe ekunika indlela. Inamaair intakes amakhulu, iBMW Laser light, amarimu angu-21 inch ngaphambil­i no-22 inch ngemuva ne-spoiler ngemuva.

I-X6 M yimoto egqamayo okungaba yimoto yakho yosuku nosuku nokuthi uma ufuna amandla usheshe uwathole.

Intengo - R2 856 100 Ifika neMotorpla­n maintenanc­e contract yeminyaka emihlanu noma u-100 000km

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa