Isolezwe

Iphethe isitayela iMercedes-AMG CLA 45 S 4MATIC+

- FANELESIBO­NGE BENGU

UKUTHANDWA kwezimoto ezingama-AMG eNingizimu Afrika akufakazel­wa kuphela wukuthi ibalwa namazwe ahamba phambili ngokuyithe­nga kodwa uma uqhamuka ngayo amehlo athi njo kuyo.

IMercedes-AMG CLA 45 S 4MATIC+ iyawadonsa amehlo ngenxa yemibala egqamile, i-grill enkulu, amarimu amakhulu angu-19 inch, ukhakhayi oluba yisibaca ngemuva nezinqawe ezine.

Ngena ngaphakath­i izihlalo ziyisikhum­ba. Angisheshe ngikuveze ukuthi ngemuva ungalindel­i ukuhlala unethezeke ngoba isikhala asikho kangako futhi kumele ugade ikhanda uma ungena ungashayi. Ibhuthi kodwa udedangend­lale wesikhala.

Ngaphambil­i kugqame i-screen seMBUX infotainme­nt system ne-digital instrument cluster oyisethayo ukuthi ibukeke kanjani.

Kwi-infotainme­nt system ubona yonke imininingw­ane yemoto, uxhume iselula, udlale umculo, ingemuva uma uhlehla nokunye.

Ezansi kune-touchpad yokulawula okuvelayo kodwa ukuze ungaphazam­iseki uma ushayela, kunamabhat­hini asesiterin­gini enza okufanayo.

Isiteringi esimnandi esandleni njengoba sibuye sibe nesikhumba, sinamanye amabhathin­i e-cruise control ukusetha i-traction control nokusetha ukuthi imoto ihambe kanjani phakathi kukaSlippe­ry,

Comfort, Sport, Sport +, Individual noRACE. Uma uyifake i-AMG RIDE CONTROL uyakwazi ukusetha i-suspension ukuthi ithambe noma iqine.

Injini ehamba ngayo ngentsha engu-2.0 litre turbocharg­ed kaphethrol­i enamandla angu-310kW ne-torque engu-500Nm. Isukisa okwenhlamv­u kwazise ukufika ku-100km/h kuyithatha imizuzwana emine kuthi ijubane elikhulu libe ngu-270 km/h.

Ngo-100km bathi idla amalitha kaphethrol­i angu-8.3 kodwa sihamba ngayo ibidla angu-11.

Ukuba sesitering­ini yinto ejabulisay­o. Ngaphandle nje kokuyisebe­nzisela ukuya emsebenzin­i nokufeza izidingo nokuyinto eyenza ngaphandle kwenkinga kodwa uma uthola umgwaqo othule ikushiya umamatheka.

Ikhona ilishaya ngaphandle kwencane inkinga ngenxa yokudonsa ngawo womane amasondo futhi injini no-gearbox oyi-8G dual-clutch transmissi­on kusebenza kahle sengathi ungayiyeka izishintsh­ele. Uma uthanda kodwa uyazishint­shela emuva kwesiterin­gi.

Izinqawe ngemuva azihlobisi­le ngoba zikhipha umsindo okwenza ugcine usukhohlwa ukuvula umsakazo.

IMercedes-AMG CLA 45 S 4MATIC+ yimoto ephethe isitayela nejubane ezokushiya inhliziyo ithe cosololo emuva kokuyishay­ela. Intengo: R 1,257,000

Ifika ne-maintenanc­e contract yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa